Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 UMax uthi uma ebulawa akobuzwa abadidiyeli bamabutho

UMax uthi uma ebulawa akobuzwa abadidiyeli bamabutho

by | 26 March 2025

UMax Makhanya uthi uma kwenzeka ebulawa, icala lokubulawa kwakhe kuyofanele libekwe phezu kwabadidiyeli bamabutho kaZulu. 

UMax ufunwa yiNdlunkulu kaZulu ngemuva kokuba esolwa ngokukhuluma kabi ngayo neSilo uMisuzulu kaZwelithini. 

Ube ekhuluma ekhasini lakhe iTiktok okuyilapho khona egaklaze igama likaMnu Sipho Mhlongo, ongumdidiyeli wamabutho, njengomuntu okufanele kubuzwe kuyena ngokufa kwakhe.  

“UMhlongo uyena obekhuluma kwisithangami sabezindaba, washo nokusho ukuthi bayangifuna. Uma kungafika abantu nje bangidubule, kuyofanele achaze yena uMhlongo ngokufa kwami. Lona ngumyalezo engiwubhekise kwabomthetho,” esho. 

Ezisematheni

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

KULINDELEKE ukuthi kufakaze i-ANC ecaleni eliqhubekayo lokuphenya ngokufa kweNkosi Albert Luthuli eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu. UMnu Jeff Radebe ohola ithimba elichitshiyeliwe KwaZulu Natal kulindele afakaze egameni le-ANC ngoLwesibili mhla ka-22 kuNdasa...

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

UMNYANGO wezobuLungiswa eNingizimu Afrika ugxeke uNobhala Jikelele we-MK Party uMnu Floyd Shivhambu ngokuvakashela ibandla likaMfu Shepherd Bushiri i-Enlightened Christian Gathering eMalawi. UShivhambu uhambele kuleli bandla ukuzoba yingxenye yenkonzo yalo yePhasika....

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

KUBOSHWE abantu abangaphezulu kweyishumi ngokushayela bedle amanzi amponjwana kule mpelasonto yePhasika esifundazweni KwaZulu Natal. Kule mpelasonto ezokuphepha emgwaqweni yesifundazweni ibiqinisiwe ngenhloso yokunqanda izingozi ezinyantisayo ezingenzeka njengoba...