Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 UMax uthi uma ebulawa akobuzwa abadidiyeli bamabutho

UMax uthi uma ebulawa akobuzwa abadidiyeli bamabutho

by | 26 March 2025

UMax Makhanya uthi uma kwenzeka ebulawa, icala lokubulawa kwakhe kuyofanele libekwe phezu kwabadidiyeli bamabutho kaZulu. 

UMax ufunwa yiNdlunkulu kaZulu ngemuva kokuba esolwa ngokukhuluma kabi ngayo neSilo uMisuzulu kaZwelithini. 

Ube ekhuluma ekhasini lakhe iTiktok okuyilapho khona egaklaze igama likaMnu Sipho Mhlongo, ongumdidiyeli wamabutho, njengomuntu okufanele kubuzwe kuyena ngokufa kwakhe.  

“UMhlongo uyena obekhuluma kwisithangami sabezindaba, washo nokusho ukuthi bayangifuna. Uma kungafika abantu nje bangidubule, kuyofanele achaze yena uMhlongo ngokufa kwami. Lona ngumyalezo engiwubhekise kwabomthetho,” esho. 

Ezisematheni

Kunxuswe amadoda ukulwa nokubulawa kwabesifazane

Kunxuswe amadoda ukulwa nokubulawa kwabesifazane

NGABESIFAZANE Abebeyingxenye yengqungquthela ye-IFP yokwethulwa kukasomqulu wezethembiso zokhetho. UPHAKAMISE ukuba kubizwe imbizo yamadoda ukulwa nesihlava sokubulawa kwabesifazane esidlangile kulezi zinsuku esifundazweni iGauteng, uMengameli we-IFP uMnu Velenkosini...

IMarch and March nokhukhulela ngoqo wemashi yamadoda

IMarch and March nokhukhulela ngoqo wemashi yamadoda

INHLANGANO eqhuba umkhankaso wokuxosha abokufika eNingizimu Afrika abangenamaphepha, iMarch and March imemezele ukhukhulela ngoqo wemashi yamadoda ukulwa nokuhlukunyezwa nokubulawa  kwabesifazane ezoba ngomhlaka 30 kuMandulo (September). USihlalo obambile weSA...

UNtuli ufuna isigwebo esinzima kosolwa kwangu-16 okudlwengula

UNtuli ufuna isigwebo esinzima kosolwa kwangu-16 okudlwengula

UZOBUYELA ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yaseThekwini owesilisa (46) othweswe amacala angu-16 okudlwengula abesifazane eCato Manor nasezindaweni ezakhele yona. Lo wesilisa ubevele enkantolo ngoMsombuluko emva kokuboshwa ngoMgqibelo. Inkantolo ithe uzobuya kuyona...