Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 I-NPA izodlulisa isinqumo kwelika Omotoso

I-NPA izodlulisa isinqumo kwelika Omotoso

by | 13 May 2025

THANDOLUHLE NGUBO

ITHATHE izeluleko kubammeli asebemkantshubomvu kwezomthetho iNhloko yabashushisi e-Eastern Cape, uMnu Barry Madolo, yanquma ukuphonsela inselelo isinqumo seNkantolo eNkulu yaseGqeberha esakhipha umfundisi uTimothy Omotoso phambili emacaleni awu-32, okubalwa kuwo awokudlwengula, ukushushumbiswa kwabantu namanye abebhekene nawo.

Lokhu kuvezwe umkhulumeli wenhlangano eyengamele ukushushiswa kuleli iNPA, uMnu Mthunzi Mhaga.
“Ukuphonsela isinqumo senkantolo bekudinga isikhathi nemibono yezazi zomthetho. Phezu kwalokho lolu udaba olubucayi bekudingeka nokucwaningwa kwamarekhodi okwenzeke enkantolo kuleminyaka. Ngemuva kwakho konke lokhu siyi-NPA sikholwa ukuthi isicelo sethu sizoba yimpumelelo,” kusho uMhaga.


U-Omotoso nabababili abeboshwe nabo okunguLusanda Solani noZukiswa Sitho batholwa bengenacala yiJaji u-Irma Schoeman ngenyanga eyedlule. U-Omotoso ukhululwa nje ubesehlale iminyaka ewu-8 estokisini.

Ezisematheni

Inkantolo imise imibhikisho yeMarch and March ngesikhathi sokhetho

Inkantolo imise imibhikisho yeMarch and March ngesikhathi sokhetho

IZOQHUBEKA nemibhikisho ngaphansi kwemibandela emva kokhetho loHulumeni baseKhaya iMarch and March njengoba iyalelwe yinkantolo ukuthi iyimise okwesikhashan imibhikisho yayo. Lokhu kuza emva kokuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uSolwazi Firoz Cachalia efake...

Inkantolo ichithe ukufakaza kwemeya kwesebheyili kaJili

Inkantolo ichithe ukufakaza kwemeya kwesebheyili kaJili

INKANTOLO yeSifunda yaseThekwini ichithe ukuthi kulalelwe ubufakazi beMeya yasoThukela, iNkosi uNtandoyekosi Shabalala eveze ukuthi izoyamukela emsebenzini imenenja yakulo mkhandlu uMnu Lanhelihle Jili (46) uma idedelwa ngebheyili ecaleni lenkohlakalo nelokuzama...

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...