Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 I-NPA izodlulisa isinqumo kwelika Omotoso

I-NPA izodlulisa isinqumo kwelika Omotoso

by | 13 May 2025

THANDOLUHLE NGUBO

ITHATHE izeluleko kubammeli asebemkantshubomvu kwezomthetho iNhloko yabashushisi e-Eastern Cape, uMnu Barry Madolo, yanquma ukuphonsela inselelo isinqumo seNkantolo eNkulu yaseGqeberha esakhipha umfundisi uTimothy Omotoso phambili emacaleni awu-32, okubalwa kuwo awokudlwengula, ukushushumbiswa kwabantu namanye abebhekene nawo.

Lokhu kuvezwe umkhulumeli wenhlangano eyengamele ukushushiswa kuleli iNPA, uMnu Mthunzi Mhaga.
“Ukuphonsela isinqumo senkantolo bekudinga isikhathi nemibono yezazi zomthetho. Phezu kwalokho lolu udaba olubucayi bekudingeka nokucwaningwa kwamarekhodi okwenzeke enkantolo kuleminyaka. Ngemuva kwakho konke lokhu siyi-NPA sikholwa ukuthi isicelo sethu sizoba yimpumelelo,” kusho uMhaga.


U-Omotoso nabababili abeboshwe nabo okunguLusanda Solani noZukiswa Sitho batholwa bengenacala yiJaji u-Irma Schoeman ngenyanga eyedlule. U-Omotoso ukhululwa nje ubesehlale iminyaka ewu-8 estokisini.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...