Ilanga News
Home 9 Featured 9 UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

by | 11 September 2026

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine.

UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe nemikhukhu emgwaqweni phambi kwamahhovisi njengoba bethi babaleke ezindaweni abahlala kuzona ngoba besaba ukuhlukumezeka njengoba kuqhubeka imikhankaso yokuxosha abokufika abangenamaphepha eholwa yiMarch and March.

Ukufika kukandunankulu uNtuli kule ndawo ngoLwesihlanu kube nenqubekela phambili ngodaba lwabo njengoba ekuqinisekisile ukuthi sebetholelwe indawo abazogcinwa kuyona.

“Ngiqale ukuzwa ngoLwesihlanu olwedlule ukuthi kunabantu abahleli ngalolu hlobo la emgwaqweni. Kungithusile ukufica abantu behleli esimweni esinjengalesi. Ukuhlala kwabo esigangeni ngale ndlela akuphephile futhi ngiphathwa kabuhlungu nawukuthi kukhona nezingane. Emva kokuzwa lolu daba ngiqale ngaxoxisana noMnyango wezaseKhaya ongitshele ukuthi uyababhalisa futhi ususemaphethelweni ngokubhaliswa kwabo. Bathe manje sekusele imindeni eyisihlanu abasayibhalisa. Bathe okwenze uhlelo lwahamba kancane ukuthi banezingane la emgwaqweni nazo okumele baqinisekise ukuthi ngezabo ngempela,” kusho uNtuli.

Uthe emva kokuxoxisana nabo bonke abathintekayo kulolu daba kuzoshaya uLwesibili sebesusiwe laba bantu bayogcinwa ezindlini ezingolindela.

UNdunankulu uzwakalise ukuphatheka kabi ngamanxusa aqhamuka emazweni abo akuleli njengoba kungekho mzamo abayenzayo ukusiza laba bantu abahleli emgwaqweni.

Balinganiselwa ku-357 abantu bangaphandle okuthiwa bahleli kulo mgwaqo. Iningi labo libaleke emazweni abo ngenxa yezimpi eziqhubeka kuwona njengoba iningi labo linawo amaphepha, kodwa bakhona ababili okuthiwa batholakala kule ndawo bengenamaphepha. Laba bantu baqhamuka eCongo, Mozambique, Tanzania, Uganda naseBurundi.

tndlovu@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

Inkantolo inqume kumiswe ukuboshwa kukaGetsemane

Inkantolo inqume kumiswe ukuboshwa kukaGetsemane

INKANTOLO eNkulu yaseThekwini isinqume ukuthi kumiswe ukuboshwa kwesikhulu samatekisi, uMnu Siyabonga Thomas Getsemane, njengoba ebephonsele inselelo incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe. UGetsemane onguSihlalo weNanda Taxi Owners Association ubefake enkantolo isicelo...

Bafuna axoshwe ungqongqoshe othuke ilungu lomphakathi

Bafuna axoshwe ungqongqoshe othuke ilungu lomphakathi

KUGXEKWE ungqongqoshe ngokuhluleka wukuziphatha nangokuthuka ilungu lomphakathi walibiza ngaphansi kwesiketi sikanina. UNgqongoshe wezaManzi nokuQoqwa kweNdle uNkk Pemmy Majodina ushaqise abaningi ebiza ilungu lomphakathi ngokungaphansi kwesiketi sikanina. UMajodina...