
SEKUQALILE kuhamba ngamagama enkehli ngesinqumo sikaMengameli wase-United States, uMnu Donald Trump, kulandela ukuthi iNingizimu Afrika ishaywe indiva emhlanganweni wokuqala weG20, ngaphansi kobuholi beMelika.
Umhlangano wokuqala weG20 ngaphansi kobuholi beMelika, uhlelwe ukuthi ubanjwe ngomhla ka-15 no-16 kuZibandlela (December) nonyaka eWashington. IMelika imeme wonke amazwe angaphansi kweG20, kodwa iNingizimu Afrika yashiywa ngaphandle kulesi simemo.
Kuzokhumbuleka ukuthi uTrump waphumela obala ngokuthi iNingizimu Afrika ngeke imenywe emhlanganweni weG20 wangonyaka ozayo, okulindeleke ukuba ubanjelwe eMiami. IMelika ithathe isikhundla sokuhola iG20 ngomhla ka-1 kwephezulu, ngemuva kokuthatha izintambo kwiNingizimu Afrika.
IMelika yaziqhelelanisa nomhlangano weG20 obuseNingizimu Afrika, njengoba uTrump ebelibeka ngembaba elokuthi iNingizimu Afrika isigudlukile emgomweni wale nhlanganisela yamazwe, ngenxa yezinsolo ezingenasisekelo, zokuthi kunodlame olubhekiswe kubalimi bohlanga lwamaBhunu oluqhubekayo kuleli lizwe.
Ukungahambisani kukaTrump nalo mhlangano weG20 obuseNingizimu Afrika, sekuholele ekutheni kususwe konke okuthinta lo mhlangano kwi-website yeG20. Kule website sekufakwe isithombe sikaTrump nesiqubulo esithi, “The Best Is Yet To Come”.
Usolwazi uChristopher Isike, onguMqondisi we-African Centre for the Study of the United States e-University of Pretoria, ucashunwe ekhuluma kwiSABC, ethi ukungamenywa kweNingizimu Afrika kwiG20 yangonyaka ozayo, akukuhle neze njengoba ziziningi izinqumo neziphakamiso ezenziwe emhlanganweni obubanjelwe kuleli.
“Lokhu kusho ukuthi iNingizimu Afrika ngeke ikwazi ukuqinisekisa ukwenzeka nokusukunyelwa kwezinye zeziphakamiso, ikakhulukazi ebeziphathelene nokuthuthukisa izwekazi i-Afrika njengoba lo mhlangano wakuleli ubugxile ekuthuthukiseni leli lizwekazi,” kusho u-Isike.
Uthe nakuba kunjalo, kodwa iNingizimu Afrika isenalo ithuba lokubuya ngo-2027 uma iG20 isisingathwa yi-United Kingdom.







