
IZITHANDANI ezibhekene necala lokubulala uDJ Warras, waseVryheid, zivela namuhla enkantolo, eGoli. UVictor Majola, uHlengiwe Buthelezi, noArmando Pacula, kuthiwa babephambili ekuhleleni nasekusocongweni kwalo DJ.
Ngaphandle kokuba nguDJ, uWarras ubenenkampani yonogada esebenzela enkabeni yedolobha, iGoli. Ngokwamaphepha asenkantolo, umnikazi webhilidi elinezindawo zokulala, wathola ukuthi abahlala khona, babengasayifaki imali ebhange lakhe. Ngokophenyo, kwatholakala ukuthi imali, yayisiqoqwa yibona laba bamangalelwa abathathu.
Umnikazi webhilidi (umas’tende) wacela ukuthi uDJ Warras, nenkampani yakhe yonogada, bangenelele, baphenye futhi bamqoqele imali. Kulapho-ke okwaqala khona ukuzingelwa kukaDJ Warras, njengoba agcina ebulelwe ngesihluku.
UPacula, ongowangaphandle, wagwetshwa eselivumile icala, kanti yena namhlanje, uvela njengofakazi wombuso.
UHlengiwe Buthelezi, esebulelwe uDJ Warras, wabaleka wayocasha eMsinga, KwaZulu-Natal, lapho amaphoyisa ambopha khona.







