Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Sekuhlomula nabaswele ngengoma kamaskandi eshisa izikhotha

Sekuhlomula nabaswele ngengoma kamaskandi eshisa izikhotha

by | 5 September 2025

UMCULI kamaskandi uLethukuthula Mhlongo (24), owaziwa ngoMafikizolo emculweni, uthi uthinteke emoyeni ngendlela abantu abayemukele ngayo ingoma yakhe eshisa izikhotha kulezi zinsuku, esihloko sithi, “Uyoncengwa Unyoko”.

Uthathe isinqumo sokulekelela ngomfaniswano wesikole abafundi ababili baseSingama Primary, eVryheid, abayingxenye yabantu abakhombise ukuyithakasela kakhulu le ngoma, bayixhasa. Utshele leli phephandaba ukuthi ubone laba bafundi bedansela ingoma yakhe, wabe eseya esikoleni abafunda kusona, okuyilapho efike wabona isimo sabo ‘singagculisi’.

“Ngizohambisa umfaniswano wesikole, ngibalekelele ukuze nabo bagqoke kahle njengabanye abantwana. Ngisenzile isethembiso kuthishanhloko, sengiluhlonzile usuku engizoya ngalo.

“Lokhu engikwenzayo kusuka othandweni ngoba nabo abantwana bangesekile ngokubonakala kwabo ezinkundleni zokuxhumana, bephonselana inselelo yomdanso (wale ngoma),” kusho uMafikizolo.

Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi ukuthandwa kwale ngoma ubekulindele. Uthi ngesikhathi eyiqopha, wayevele ebona ukuthi izothakaselwa ukwedlula ezinye.

“Kulezi zingoma ezine ezikhona kwi-EP (extended play), yiyona yodwa le ngoma esihlukile isitayela sayo. Mina-ke ngingumuntu othandayo ukwenza umculo ohlukile kwabanye.

“Ngigxila kakhulu kwezothando, ngoba ngiyazi ukuthi abantu abaningi bayathinteka kulona, nakuba engicula ngakho, kuyisimo esisuke sibhekene nami ngqo othandweni. Nakuyona le ngoma ethandwayo, ngikhuluma ngesimo sami, sentombi yami eyangifonela, ingitshela ukuthi seluphelile uthando, bese ngithi ngeke ngiyincenge,” esho.

Le ngoma inenyanga eyodwa iphumile, kodwa isikwazile ukuhlanganisa u-5,9 million wabantu abayilalelayo online, kuYouTube. Uthi unethemba lokuthi ngempelasonto izobe isiwuhlanganisile u-6 million.

“Sengisalelwe wukuhlukanisa unyaka emisakazweni emikhulu. Isifiso sami wukuthi umculo wami ube semncintiswaneni wokuhlukanisa unyaka,” esho.

Le nsizwa edabuka eMnambithi, KwaZulu-Natal, ingene kwezomculo ngo-2018. Unyaka nonyaka kubukeka ikhula kwezomculo kamaskandi njengoba ivamisile ukwenza izingoma ezingamanoni athandwa yintsha.

Ezisematheni

Ubonga i-IFP esukumele phezulu olaxaze i-ANC

Ubonga i-IFP esukumele phezulu olaxaze i-ANC

OBEHAMBA phambili ekhankasela i-ANC, uChwaite Songca osejoyine i-IFP, uthi kuqala ngaleli qembu ukuthi kuxhaswe umcimbi wakhe iSouth Beach Young Stars Tornament ahlose ngayo ukusiza intsha ukuthi ingangeni ezidakamizweni. UChwaite ukusho lokhu njengoba...

Awepolitiki anxuswe ukugcizelela eyokhetho olunokuthula

Awepolitiki anxuswe ukugcizelela eyokhetho olunokuthula

UKUVUTHWA nokubekezelelana kwipolitiki uthe yikhona okuzodala uzinzo uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamnsanqa Ntuli ngesikhathi ehlangene namaqembu epolitiki ehlukene nabengamele ukhetho i-Independent Electoral Commission (IEC), e-Archie Gumede Conference Centre,...

Ungqongqoshe ukhathazekile ngeyodlame ezikoleni

Ungqongqoshe ukhathazekile ngeyodlame ezikoleni

UNGQONGQOSHE wezeMfundo, KwaZulu-NataL, uMnu Sipho Hlomuka, uthi imumi emphinjeni idaba yokuhlukunyezwa kwabafundi ezikoleni zesifundazwe. Isigameko sakamuva, senzeke esikoleni iBukimvelo High School, eZibayeni, eHluhluwe, esifundeni uMkhanyakude. Abafundi bakaGrade...