INKAMPANI ekhiqiza imishanguzo i-Adcock Ingram Limited inxusa ukuba kubuyiswe imikhiqizo yomuthi wezingane iPanado, ethakwe nge-grape, futhi engenabo utshwala, ngoba yesabela ukuphepha kwezingane eNingizimu Afrika.
UMnu Thiruvasan Govindsamy, oyi-medical director e-Adcock Ingram, uthi lesi sexwayiso sikuClass III, okuchaza ukuthi abubukhulu kangako ubungozi le mikhiqizo engaba nabo kumakhasimende.
Uthe okwenza bathi le mikhiqizo mayibuyiselwe kubona yingoba kutholakale izinhlayiya zesithako esimqoka kuyona, okuyi-paracetamol, ezingaba nomthelela ekusebenzeni kwayo.
Kuthiwa imikhiqizo ethintekayo yileyo yamabhodlela u-50ml no-100ml, ebhalwe ukuthi iphelelwa yisikhathi ngoNtulikazi (July) ka-2025, uNhlolanja (February) noMbasa (April) ku-2026.
Lo myalelo yokuba kubuyiswe le mikhiqizo ubhekiswe kakhulu ezitolo ezidayisa izimpahla ngaziningi (wholesalers), izibhedlela zikahulumeni nezizimele, odokotela, abahlengikazi, amakhemisi nezitolo.