Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka 9 Ezempilo 9 I-Adcock Ingram ithi makubuyiselwe emuva imikhiqizo yePanado yezingane

I-Adcock Ingram ithi makubuyiselwe emuva imikhiqizo yePanado yezingane

by | 18 December 2024

INKAMPANI ekhiqiza imishanguzo i-Adcock Ingram Limited inxusa ukuba kubuyiswe imikhiqizo yomuthi wezingane iPanado, ethakwe nge-grape, futhi engenabo utshwala, ngoba yesabela ukuphepha kwezingane eNingizimu Afrika.

UMnu Thiruvasan Govindsamy, oyi-medical director e-Adcock Ingram, uthi lesi sexwayiso sikuClass III, okuchaza ukuthi abubukhulu kangako ubungozi le mikhiqizo engaba nabo kumakhasimende.

Uthe okwenza bathi le mikhiqizo mayibuyiselwe kubona yingoba kutholakale izinhlayiya zesithako esimqoka kuyona, okuyi-paracetamol, ezingaba nomthelela ekusebenzeni kwayo.

Kuthiwa imikhiqizo ethintekayo yileyo yamabhodlela u-50ml no-100ml, ebhalwe ukuthi iphelelwa yisikhathi ngoNtulikazi (July) ka-2025, uNhlolanja (February) noMbasa (April) ku-2026.

Lo myalelo yokuba kubuyiswe le mikhiqizo ubhekiswe kakhulu ezitolo ezidayisa izimpahla ngaziningi (wholesalers), izibhedlela zikahulumeni nezizimele, odokotela, abahlengikazi, amakhemisi nezitolo.

Ezisematheni

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

YIZITHOMBE ezithwetshulwe kwiVideo yesigameko esenzeka KwaNdengezi, ebonisa umshayeli we-Uber ehlaselwa ngonogada bamatekisi emigwaqweni (patrollers). BAZOBUYELA enkantolo ngoLwesithathu abalisa abathathu abangabaqaphi bamatekisi emgwaqweni (patrolers) abasolwa...

Mkhulu kakhulu umehloko phakathi komhlonyane nomemulo

Mkhulu kakhulu umehloko phakathi komhlonyane nomemulo

NGUMLINGISI uHope Mbhele ngesikhathi enzelwe umemulo. Sikhulume ngembeleko ngokwedlule. Nokho siyichaze njengalokhu seyazeka esikhathini sanamhlanje ngoba singafuni ukuxuba, sizithole sekudidaniseka nomhlonyane owenzelwa ingane yentombazane lapho isithombile. Imbeleko...

Kwakhiwa ubumbano lothisha ngezemidlalo

Kwakhiwa ubumbano lothisha ngezemidlalo

BAZOKWAKHA uzinzo ngokuhlelwa kwemidlalo yebhola yothisha kwinyunyana ebekade kungabonwa ngaso linye kuyona emuva kwengqungquthela yokukhethwa kobuholi obusha nyakanye. INational Teachers Union (Natu) ihlele imidlalo yothisha mhlaka 25 no 26 kuyona lenyanga...