Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 AmaKhatholika aseThekwini nohlelo lokukhumbula uPhapha

AmaKhatholika aseThekwini nohlelo lokukhumbula uPhapha

by | 22 April 2025


AMAKHATHOLIKA eThekwini namaphethelo, azokhumbula amagalelo nezimfundiso zikaPhapha uFrancis, e-Emmanuel Cathedral, eMakethe, ngo-6 ntambama, ngoLwesithathu.

U-Archbishop Mandla Jwara, ophethe amaKhatholika esiyingini saseThekwini, uthi inkonzo izokuba ngesiZulu nangesiNgisi, njengoba kulindeleke ukuthi umbuthano wokukhumbula uPhapha udonse abantu abaningi abavela ezindaweni ezehlukene, hhayi amaKhatholika kuphela.

“NgeSonto enkonzweni ngizonxusa abazalwane ukuthi bakhulekele ukulondolozwa komphefumulo kaPhapha, njengoba uzobe engcwatshwa ngoMgqibelo. Indlela avalelise ngayo uPhapha isifikisele izinyembezi ngoba usufisele iPhasika elihle, kanti useyavalelisa.

“Sizomkhumbula kakhulu ngezimfundiso zakhe njengoba besimthatha njengenxusa lokuthula emhlabeni, ekuthaza uthando, ukuxolela, ukuphana, nokusizana. Kule minyaka eyi-12, esesikhundleni sokuhola amaKhatholika sizizwe sifudumele, sakujabulela ukuholwa yindoda enjengaye,” kutho uJwara.

Uchaze uPhapha njengomelusi omuhle obe namagalelo abonakalayo. UPhapha uzongcwatshwa ngoMgqibelo, njengoba isidumbu sakhe sizobekwa eSt Peters Basilica Square, kusukela ngoLwesithathu, khona kuzothi bonke abanesifiso sokumbona okokugcina, bambone.

Ezisematheni

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ucacise ngokungaklonyeliswa koMkhuzi wamaPhoyisa waKwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, emcimbini wokuklomelisa izisebenzi zikahulumeni, iminyango, omasipala baseKZN, izinhlangano ezingayenzi inzuzo nosomabhizinisi...

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

LIZOVULWA ngomhla ka-1 no-2 wenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwezi (November). Lokhu kuqinisekiswe yinhlangano eyengamele ezokhetho kuleli, i-Electoral Commission of South Africa (IEC), ngempelasonto. Kuzokhumbuleka...

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

UMNDENI unxusa umphakathi nabezindaba ukuba bayeke ukusabalalisa izinsolo nemibiko engaqinisekisiwe ngokudlula emhlabeni kukaDkt Ntuthuko Mahlaba (osesithombeni), okuvela ukuthi ushayiswe yimoto ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi ezivaocavoca. Isitatimende somndeni...