Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 AmaKhatholika aseThekwini nohlelo lokukhumbula uPhapha

AmaKhatholika aseThekwini nohlelo lokukhumbula uPhapha

by | 22 April 2025


AMAKHATHOLIKA eThekwini namaphethelo, azokhumbula amagalelo nezimfundiso zikaPhapha uFrancis, e-Emmanuel Cathedral, eMakethe, ngo-6 ntambama, ngoLwesithathu.

U-Archbishop Mandla Jwara, ophethe amaKhatholika esiyingini saseThekwini, uthi inkonzo izokuba ngesiZulu nangesiNgisi, njengoba kulindeleke ukuthi umbuthano wokukhumbula uPhapha udonse abantu abaningi abavela ezindaweni ezehlukene, hhayi amaKhatholika kuphela.

“NgeSonto enkonzweni ngizonxusa abazalwane ukuthi bakhulekele ukulondolozwa komphefumulo kaPhapha, njengoba uzobe engcwatshwa ngoMgqibelo. Indlela avalelise ngayo uPhapha isifikisele izinyembezi ngoba usufisele iPhasika elihle, kanti useyavalelisa.

“Sizomkhumbula kakhulu ngezimfundiso zakhe njengoba besimthatha njengenxusa lokuthula emhlabeni, ekuthaza uthando, ukuxolela, ukuphana, nokusizana. Kule minyaka eyi-12, esesikhundleni sokuhola amaKhatholika sizizwe sifudumele, sakujabulela ukuholwa yindoda enjengaye,” kutho uJwara.

Uchaze uPhapha njengomelusi omuhle obe namagalelo abonakalayo. UPhapha uzongcwatshwa ngoMgqibelo, njengoba isidumbu sakhe sizobekwa eSt Peters Basilica Square, kusukela ngoLwesithathu, khona kuzothi bonke abanesifiso sokumbona okokugcina, bambone.

Ezisematheni

Kabeneme umnyango wezemfundo ubuyisela emuva u-R600 million

Kabeneme umnyango wezemfundo ubuyisela emuva u-R600 million

IZINYUNYANA zothisha nekomidi elibhekelele ukusebenza koMnyango weMfundo eyisiSekelo ePhalamende, zihlabe isenzo salo mnyango sokubuyisela ehhovisi likamgcinimafa kazwelonke imali engaphezu kuka-R600 million, engasebenzanga kunyakamali odlule. Lokhu kuvele embikweni...

I-SAHRC ifuna kuphenywe ngokufa kowokufika nephoyisa

I-SAHRC ifuna kuphenywe ngokufa kowokufika nephoyisa

I-SOUTH African Human Rights Commission (SAHRC) inxusa ukubekezelelana kubantu kulandela isigameko sokubulawa kowokufika eThekwini, nephoyisa eNorth West okuthiwa libulawe ngumuntu wangaphandle. Ngeledlule kuqubuke imvunge ezinkundleni zokuxhumana kubonakala iVideo...

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) ukhala ngesinqumo sekhomishana yokhetho i-IEC sokuchitha leli qembu ukuthi lilungise kabusha uhlu lwamakhansela abhaliselwe ukungenela ukhetho loHulumeni baseKhaya oluzokuba  ngomhlaka 4 kuLwezi (November). Esitatimendeni iMKP ithi...