Ilanga News
Home 9 Featured 9 Liqalile ukuqulwa elabashadikazi ‘ababulala’ unina wengane yomyeni

Liqalile ukuqulwa elabashadikazi ‘ababulala’ unina wengane yomyeni

by | 5 March 2025

NGUNKZ Noluthando Khomo okuthiwa wabulawa nguyise wengane yakhe, ehlangene nenkosikazi yakhe.

LIQALILE ukuqulwa kuleli sonto eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu icala lokubulala nokuzama ukubulala elithweswe abashadikazi abayanyaniswa nokubulala unina wengane yendoda, owatholakala edutshulwe wabulawa ngo-2017, ehlathini eliseMgungundlovu.

Ngokuthola kweLANGA, uNkk Nomusa Mchunu nomyeni wakhe, uMnu Thokozani “Sgci” Mchunu, bahlanganisa itulo lokusoconga uNkz Noluthando Khomo owayeneminyaka yobudala ewu-24 ngaleso sikhathi, nengane yakhe eyayinezinyanga ezintathu, ayeyizale naye uMchunu.

Imibiko iveza ukuthi uNkz Khomo nengane yakhe bathunjwa eHammarsdale, batholakala ehlathini eSnathing, eMgungundlovu, bedutshuliwe. Unkz Khomo wayeseshonile, kodwa ingane yatholakala isaphila. Kwaboshwa izinkabi ezimbili ezalivuma icala, zalihlanza lonke iqiniso lokuthi zazithunywe ngubani.

Eyodwa yalezi zinkabi, uSmiso Jerome Liphenya, yagwetshwa iminyaka ewu-8, enye yadlula emhlabeni. Umthombo waleli phephandaba osondelene nalolu daba, ulilandise ngobufakazi obuholele ekuboshweni kwalaba.

“Okuvelile nokwethulwa enkantolo ngesikhathi kugwetshwa inkabi, wukuthi lo wesilisa ubesebudlelwaneni bezothando nomufi, baze baba nengane. Kuvela ukuthi lokhu kakwehlanga kahle kunkosikazi wendoda, wabe esencenga umyeni wakhe ukuba bakhe itulo lokubulala unina wengane nengane, bagcina bevumelene.

“Babe sebeqasha izinkabi ezimbili, eyodwa yazo eseyigwetshiwe kuleli cala, enye yashona ingakagwetshwa. Izinkabi zabe sezithumba umufi nengane yakhe, bayobadubula ehlathini.

“Ngenhlanhla ingane kayishonanga, njengoba ithathwa njengommangali emacaleni amabili, eloku-bulawa kukanina nelokuzama ukubulala. Isenzo salaba ababili sikhombisa isihluku nonya olukhulu, ngoba akekho umuntu ophile kahle, ongenza into efana nalena nasenganeni yakhe enezinyanga ezintathu‚” kusho umthombo.

Laba bashadikazi bathweswe icala lokubulala, elokuzama ukubulala nelokuthumba.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...