Ilanga News
Home 9 Featured 9 Liqalile ukuqulwa elabashadikazi ‘ababulala’ unina wengane yomyeni

Liqalile ukuqulwa elabashadikazi ‘ababulala’ unina wengane yomyeni

by | 5 March 2025

NGUNKZ Noluthando Khomo okuthiwa wabulawa nguyise wengane yakhe, ehlangene nenkosikazi yakhe.

LIQALILE ukuqulwa kuleli sonto eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu icala lokubulala nokuzama ukubulala elithweswe abashadikazi abayanyaniswa nokubulala unina wengane yendoda, owatholakala edutshulwe wabulawa ngo-2017, ehlathini eliseMgungundlovu.

Ngokuthola kweLANGA, uNkk Nomusa Mchunu nomyeni wakhe, uMnu Thokozani “Sgci” Mchunu, bahlanganisa itulo lokusoconga uNkz Noluthando Khomo owayeneminyaka yobudala ewu-24 ngaleso sikhathi, nengane yakhe eyayinezinyanga ezintathu, ayeyizale naye uMchunu.

Imibiko iveza ukuthi uNkz Khomo nengane yakhe bathunjwa eHammarsdale, batholakala ehlathini eSnathing, eMgungundlovu, bedutshuliwe. Unkz Khomo wayeseshonile, kodwa ingane yatholakala isaphila. Kwaboshwa izinkabi ezimbili ezalivuma icala, zalihlanza lonke iqiniso lokuthi zazithunywe ngubani.

Eyodwa yalezi zinkabi, uSmiso Jerome Liphenya, yagwetshwa iminyaka ewu-8, enye yadlula emhlabeni. Umthombo waleli phephandaba osondelene nalolu daba, ulilandise ngobufakazi obuholele ekuboshweni kwalaba.

“Okuvelile nokwethulwa enkantolo ngesikhathi kugwetshwa inkabi, wukuthi lo wesilisa ubesebudlelwaneni bezothando nomufi, baze baba nengane. Kuvela ukuthi lokhu kakwehlanga kahle kunkosikazi wendoda, wabe esencenga umyeni wakhe ukuba bakhe itulo lokubulala unina wengane nengane, bagcina bevumelene.

“Babe sebeqasha izinkabi ezimbili, eyodwa yazo eseyigwetshiwe kuleli cala, enye yashona ingakagwetshwa. Izinkabi zabe sezithumba umufi nengane yakhe, bayobadubula ehlathini.

“Ngenhlanhla ingane kayishonanga, njengoba ithathwa njengommangali emacaleni amabili, eloku-bulawa kukanina nelokuzama ukubulala. Isenzo salaba ababili sikhombisa isihluku nonya olukhulu, ngoba akekho umuntu ophile kahle, ongenza into efana nalena nasenganeni yakhe enezinyanga ezintathu‚” kusho umthombo.

Laba bashadikazi bathweswe icala lokubulala, elokuzama ukubulala nelokuthumba.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...