Ilanga News
Home 9 Imibono 9 Amakhosi mawangavumi ukubizwa ‘ngoNdabezitha’

Amakhosi mawangavumi ukubizwa ‘ngoNdabezitha’

by | 10 September 2025

MHLELI: Abamhlophe uSir Henry Fyn (uFebana) Henry Ogle (uWohlo) nabanye bakubo ababengabazingeli, futhi abahlangana okokuqala neLembe ngoNcwaba (August) ka-1824 babekhulekela ingonyama kaZulu ngokuthi (his Majesty), njengoba kukhulekwa kanjalo kweyakubo, kanti eNdlovukazini babethi, (her Majesty), njengoba noQueen Ellizabeth 11, ubizwe kanjalo waze walishiya elimagade ahlabayo.

Manje-ke uHlambamanzi, insizwa yomXhosa eyayitolika phakathi kweLembe naMagobamlomo, wawatshela ukuthi isithopho esikhulu kunazo zonke sithi, ‘Ndabezitha’. Ngalokho-ke abeNgwadi bazitshela ukuthi onke amakhosi abizwa ngoNdabezitha. Ayisuki le nto ezingqondweni, ngoba yafakwa ngabamhlophe, nabo ababengaqondi kahle.

Ngibhala njalo mhleli ngoba muva nje, bekunembizo kandunankulu le kwaMthethwa. Amakhosi ayekhona ayelokhu ebizwe ngoNdabezitha, okuwukudukisa isizwe. Ngisho uMdlokombane (iSilo esebuza, uZwelithini kaBhekuzulu), ubehlale ekukhuza lokhu.

Kungcono eMpumalanga Koloni ngoba inkosi nenkosi inesithopho sayo esingafani nesenye. Hhayi lapha kwelikaMthaniya, wonke amaduna esilo abizwa ngoNdabezitha. INkosi uSiyambonga Mathanzima, eCofimvaba ithoshwa kuthiwa, Ahh Dalimvula! INkosi uJonguxolo Sandile eMngqesha ezalwa nguMntwana uNomusa kaBhekuzulu kwaKhethomthandayo, Ahh Vululwandle!

INkosi uViwe Buduli yamaZizi eDikeni, Ahh Bhungaliwile! Kanti iNkosi uLuyanda Ngqika Eqonce, Ahh Daluxolo. Wayethi uMnu Steve Biko; “ungangibizi ngengingeyikho, ngibize ngengiyikho”. Wayesho ngoba onwelezimashoba babesibiza ngabakuthandayo. Nabaholi bendabuko mabangavumi ukuphiwa izithopho okungezona ezakwabo. Bayanyela laba abasuke behamba nabo kodwa bona bengababoni.

Phila Mthethwa
eMpangeni

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...