Ilanga News
Home 9 Imibono 9 Yazi amandla ephakethe lakho ngaphambi kokuthenga umuzi noma imoto

Yazi amandla ephakethe lakho ngaphambi kokuthenga umuzi noma imoto

by | 3 September 2025

Ungoti kwezabathengi uthi kumqoka ukwazi izindleko ezizolandela ngemuva kokuthenga impahla ethize njengama-rate uma uthenga umuzi, uphethiloli ne-service uma uthenga imoto.

UNGOTI ezindabeni ezithinta abathengi, weluleka ngokuthi ngaphambi kokuthenga noma yini, yazi ukuthi impahla oyithengayo ingahle ihambisane nezinye izindleko ezengeziwe.

UMnu Lungisani Bhengu, ongumcwaningimabhuku, nomeluleki kwezemali, uthi uma uthenga imoto, kubeke emqondweni ukuthi leyo moto izodinga uphethiloli nesevisi nyanga zonke. Kanti futhi uma uzohamba ibanga elide kuzodingeka nemali yokuthelela umgwaqo emasangweni okwedlula, phecelezi ama-toll gate.

“Uma uthenga indlu, yazi ukuthi kuzodingeka imali yama-rate, ekagesi neyamanzi. Kuyihlazo ukubona abantu bengena ezindlini eziyizithabathaba, ubone sebecishelwa ugesi wumasipala ngoba bengasakhokhi.

“Abanye bagcina becwile komashonisha ngoba uma usungene kulolu hlobo lokweboleka imali, kuba nzima ukuphuma kulo. Imali eyinzuzo efunwa yizikhungo ezibolekisa imali inkulu, kanti namabhange awamboleki umuntu onegama elibi. Yingakho kusemqoka ukubheka ubungako bephakethe lakho ngaphambi kokuthenga,” kuchaza uBhengu.

Ululeka ngokuthi noma unengane efunda esikhungweni semfundo ephakeme, beka imali eceleni, ngoba uxhaso lukahulumeni olutholwa ngabafundi, (iNSFAS), kuyenzeka luthathe isikhathi ukukhokha, lokho kugcina kudala ingcindezi enganeni efundayo.

“Enye into ebulala thina ‘ndlu emnyama’ ukuqhudelana. Uthole umuntu ethenga into angaphila ngaphandle kwayo, eyithenga ngoba ebone ithengwa ngumakhelwane, noma uzakwabo emsebenzini.

“Abantu mabazifundise futhi bazijwayeze ukuthenga ngesikhathi kunezindali ezitolo. Njengengokuthi nje, njengoba sekuphela ubusika, amajezi, amajazi, namajakhethi kushibile ezitolo. Kungaba yisu elihle ukuthenge ukubekele ubusika obuzayo ngoba uma sekuyisikhathi samakhaza ngonyaka ozayo kuzobe sekudula,” kusho uBhengu.

Uthi kubalulekile ukuthi ngaphambi kokuthenga noma iyiphi impahla, uke uzulazule ezitolo, uqhathanise amanani – lokhu okungakusiza lokho uma uthenga, ungaze uthenge impahla edulayo ekubeni ubungathola impahla efanayo ngentengo ephansi kwenye indawo.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...