Ilanga News
Home 9 Imibono 9 Yazi amandla ephakethe lakho ngaphambi kokuthenga umuzi noma imoto

Yazi amandla ephakethe lakho ngaphambi kokuthenga umuzi noma imoto

by | 3 September 2025

Ungoti kwezabathengi uthi kumqoka ukwazi izindleko ezizolandela ngemuva kokuthenga impahla ethize njengama-rate uma uthenga umuzi, uphethiloli ne-service uma uthenga imoto.

UNGOTI ezindabeni ezithinta abathengi, weluleka ngokuthi ngaphambi kokuthenga noma yini, yazi ukuthi impahla oyithengayo ingahle ihambisane nezinye izindleko ezengeziwe.

UMnu Lungisani Bhengu, ongumcwaningimabhuku, nomeluleki kwezemali, uthi uma uthenga imoto, kubeke emqondweni ukuthi leyo moto izodinga uphethiloli nesevisi nyanga zonke. Kanti futhi uma uzohamba ibanga elide kuzodingeka nemali yokuthelela umgwaqo emasangweni okwedlula, phecelezi ama-toll gate.

“Uma uthenga indlu, yazi ukuthi kuzodingeka imali yama-rate, ekagesi neyamanzi. Kuyihlazo ukubona abantu bengena ezindlini eziyizithabathaba, ubone sebecishelwa ugesi wumasipala ngoba bengasakhokhi.

“Abanye bagcina becwile komashonisha ngoba uma usungene kulolu hlobo lokweboleka imali, kuba nzima ukuphuma kulo. Imali eyinzuzo efunwa yizikhungo ezibolekisa imali inkulu, kanti namabhange awamboleki umuntu onegama elibi. Yingakho kusemqoka ukubheka ubungako bephakethe lakho ngaphambi kokuthenga,” kuchaza uBhengu.

Ululeka ngokuthi noma unengane efunda esikhungweni semfundo ephakeme, beka imali eceleni, ngoba uxhaso lukahulumeni olutholwa ngabafundi, (iNSFAS), kuyenzeka luthathe isikhathi ukukhokha, lokho kugcina kudala ingcindezi enganeni efundayo.

“Enye into ebulala thina ‘ndlu emnyama’ ukuqhudelana. Uthole umuntu ethenga into angaphila ngaphandle kwayo, eyithenga ngoba ebone ithengwa ngumakhelwane, noma uzakwabo emsebenzini.

“Abantu mabazifundise futhi bazijwayeze ukuthenga ngesikhathi kunezindali ezitolo. Njengengokuthi nje, njengoba sekuphela ubusika, amajezi, amajazi, namajakhethi kushibile ezitolo. Kungaba yisu elihle ukuthenge ukubekele ubusika obuzayo ngoba uma sekuyisikhathi samakhaza ngonyaka ozayo kuzobe sekudula,” kusho uBhengu.

Uthi kubalulekile ukuthi ngaphambi kokuthenga noma iyiphi impahla, uke uzulazule ezitolo, uqhathanise amanani – lokhu okungakusiza lokho uma uthenga, ungaze uthenge impahla edulayo ekubeni ubungathola impahla efanayo ngentengo ephansi kwenye indawo.

Ezisematheni

Inkantolo imise imibhikisho yeMarch and March ngesikhathi sokhetho

Inkantolo imise imibhikisho yeMarch and March ngesikhathi sokhetho

IZOQHUBEKA nemibhikisho ngaphansi kwemibandela emva kokhetho loHulumeni baseKhaya iMarch and March njengoba iyalelwe yinkantolo ukuthi iyimise okwesikhashan imibhikisho yayo. Lokhu kuza emva kokuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uSolwazi Firoz Cachalia efake...

Inkantolo ichithe ukufakaza kwemeya kwesebheyili kaJili

Inkantolo ichithe ukufakaza kwemeya kwesebheyili kaJili

INKANTOLO yeSifunda yaseThekwini ichithe ukuthi kulalelwe ubufakazi beMeya yasoThukela, iNkosi uNtandoyekosi Shabalala eveze ukuthi izoyamukela emsebenzini imenenja yakulo mkhandlu uMnu Lanhelihle Jili (46) uma idedelwa ngebheyili ecaleni lenkohlakalo nelokuzama...

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...