Ilanga News
Home 9 Featured 9 Umisiwe emsebenzini uFadiel Adams

Umisiwe emsebenzini uFadiel Adams

by | 5 August 2026

UMISIWE emsebenzini izinsuku eziwu-20 uMnu Fadiel Adams, oyilungu lePhalamende nomholi weNational Coloured Congress, ngezinsolo zokuthunaza isithunzi sePhalamende.

U-Adams ungomunye wamalungu aqokelwe ekomidi lePhalamende elijutshwe ukuphenya udaba lwasepulazini likaMengameli Cyril Ramaphosa, iPhala Phala, kanti ukumiswa kwakhe kuvele ngesithathi lihlangene namuhla ngoLwesithathu.

Lo mholi ubengekho kulo mhlangano okugcine kuphakanyiswa kuwona u-Adv Thandazani Madonsela njengozohola ubufakazi uma leli komidi seliqala umsebenzi walo. Kusamisiwe ukulalelwa kobufakazi kuleli komidi ngemuva kokuba uRamaphosa evunwe yinkantolo njengoba ephonsela inselelo umbiko wophenyo oluzimele owaveza ukuthi kumele aphendule ngokwenzeka epulazini lakhe ngesikhathi kwebiwa izindodla zemali eyayingamadola aseMelika.

U-Adams ubhekene namacala amathathu okukhwabanisa namabili okuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho. Usolwa ngokuzenza umuntu angeyena, nokuyophonsa imibuzo iziboshwa ezazilinde ukuqulwa kwamacala azo eJele laseWestville, mayelana nokubulawa kowayengumholi we-ANC Youth League, uMnu Sindiso Magaqa.

Igama lika-Adams selivele kaningi njengoba kuqhubeka ukulalelwa kobufakazi kwiKhomishini kaMadlanga, ephenya ngezinsolo zokugxambulela kwabathile okubalwa kubona nosopolitiki ekusebenzeni kwengalo yomthetho.

Kulindeleke ukuba avele kule khomishini ngoLwesibili ukuyophendula imibuzo mayelana nokuthola kwakhe ulwazi olubucayi lwezobunhloli, okungamele noma ngubani abe nalo.

Ezisematheni

Isililo kudlula isilomo somculi kamaskandi

Isililo kudlula isilomo somculi kamaskandi

SIKHULU isililo endimeni kamaskandi ngokudlula emhlabeni kwesilomo somculi uScebi "Inkosi Yamagcokama" Dlamini waseMachunwini, eMsinga. Lo mculi ubesengozini yemoto ebusuku phakathi kwamabili Richards Bay eyonandisa kwiBasadi Maskandi Festival, khona eRichards Bay....

Usihlalo we-Action SA eKZN emjahweni wesobumeya eThekwini

Usihlalo we-Action SA eKZN emjahweni wesobumeya eThekwini

USIHLALO we-Action SA kwaZulu-Natal, uMnu Zwakele Mncwango umenyezelwe yiqembu lakhe ukuthi uyena oqokwe ukuthi angenele umjaho wesikhundla sokuba yiMeya yeTheku emcimbini obusehholo lomphakathi KwaMashu namhlanje ngoMgqibelo.UMncwango uqokwe noMnu Halalisani Ndlovu...

Ubedivosa nomyeni uthisha odutshulwe wabulawa yisoka

Ubedivosa nomyeni uthisha odutshulwe wabulawa yisoka

Kubikwa ukuthi ubeseqale izinhlelo zokwehlukanisa umshado wakhe uthisha odutshulwe wabulawa yisoka lakhe elisha, esigamekweni ese- nzeke ngoLwesibili KwaMachi, eHarding. ILANGA lithole ukuthi uMnu Mthobisi Ndlovu (30), oshayela amatekisi, udubule wabulala intombi...