Ilanga News
Home 9 Featured 9 Umisiwe emsebenzini uFadiel Adams

Umisiwe emsebenzini uFadiel Adams

by | 5 August 2026

UMISIWE emsebenzini izinsuku eziwu-20 uMnu Fadiel Adams, oyilungu lePhalamende nomholi weNational Coloured Congress, ngezinsolo zokuthunaza isithunzi sePhalamende.

U-Adams ungomunye wamalungu aqokelwe ekomidi lePhalamende elijutshwe ukuphenya udaba lwasepulazini likaMengameli Cyril Ramaphosa, iPhala Phala, kanti ukumiswa kwakhe kuvele ngesithathi lihlangene namuhla ngoLwesithathu.

Lo mholi ubengekho kulo mhlangano okugcine kuphakanyiswa kuwona u-Adv Thandazani Madonsela njengozohola ubufakazi uma leli komidi seliqala umsebenzi walo. Kusamisiwe ukulalelwa kobufakazi kuleli komidi ngemuva kokuba uRamaphosa evunwe yinkantolo njengoba ephonsela inselelo umbiko wophenyo oluzimele owaveza ukuthi kumele aphendule ngokwenzeka epulazini lakhe ngesikhathi kwebiwa izindodla zemali eyayingamadola aseMelika.

U-Adams ubhekene namacala amathathu okukhwabanisa namabili okuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho. Usolwa ngokuzenza umuntu angeyena, nokuyophonsa imibuzo iziboshwa ezazilinde ukuqulwa kwamacala azo eJele laseWestville, mayelana nokubulawa kowayengumholi we-ANC Youth League, uMnu Sindiso Magaqa.

Igama lika-Adams selivele kaningi njengoba kuqhubeka ukulalelwa kobufakazi kwiKhomishini kaMadlanga, ephenya ngezinsolo zokugxambulela kwabathile okubalwa kubona nosopolitiki ekusebenzeni kwengalo yomthetho.

Kulindeleke ukuba avele kule khomishini ngoLwesibili ukuyophendula imibuzo mayelana nokuthola kwakhe ulwazi olubucayi lwezobunhloli, okungamele noma ngubani abe nalo.

Ezisematheni

“Uma ningavoti azobuya amasela”

“Uma ningavoti azobuya amasela”

UMHOLI nomsunguli weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma uthi abantu abaphume ngobuningi babo, bayovota ngoLwesithathu, lomhlaka 4 kuLwezi (November). Uthi, uma abantu bengavoti, amasela nezikhohlakali, bazoqhubeka babesemandleni. Amalungu eMarch and March,...

Bayavela enkantolo abasolwa ngokubulala uDj Warras

Bayavela enkantolo abasolwa ngokubulala uDj Warras

IZITHANDANI ezibhekene necala lokubulala uDJ Warras, waseVryheid, zivela namuhla enkantolo, eGoli. UVictor Majola, uHlengiwe Buthelezi, noArmando Pacula, kuthiwa babephambili ekuhleleni nasekusocongweni kwalo DJ. Ngaphandle kokuba nguDJ, uWarras ubenenkampani yonogada...