Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuxoshwe iMeya yeTheku kubhikisha abeMarch and March

Kuxoshwe iMeya yeTheku kubhikisha abeMarch and March

by | 10 September 2026

IHLANGABEZANE nezimbila zithutha iMeya yeTheku, uMnu Cyril Xaba, ixoshwa amalunga eMarch and March ngesikhathi ithi izohlola isimo emgaqweni uChe Guevara, lapho kuhleli khona abokufika eNingizimu Afrika abangenamaphepha.

Amalungu eMarch and March abeqhuba imashi yawo eba njalo uma kunguLwesine ngesikhathi kutheleka uXaba. Ngaleso sikhathi abeMarch and March bebebhekene nabokufika asebehlale kulo mgwaqo ongasemahhovisi oMnyango wezaseKhaya izinyanga ezine . Bebehlukaniswe ngamaphoyisa abegade ukuthi kungashayanwa njengoba abale nhlangano bebenxusa ukuthi kususwe abesifazane nezingane bafuna ukuxoxa nabesilisa bokufika abakhale ngokuthi bebevela kumathelevishini bedelela. Bathe nawo la madoda abafuni ukulwa nawo kodwa bafuna ukuxoxisana nje nawo. Kungaleso sikhathi okuqhamuke khona uXaba, kwasuka umsindo besho kanye kanye bethi akahambe ufunani la.

Bebememeza bexosha uXaba nethimba lakhe, kanti abanye bebevele sebeqalile ukukhuluma ngaye uXaba bethi uyena obadayisayo, ngoba uyekela ukuthi kuhlale abokufika emgaqweni eThekwini ekubeni imigomo kamasipala ingakuvumeli ukuthi abantu bahlale kanje emgaqweni.

Emva kwaleso sigameko abeMarch and March bamashe baya esiteshini samaphoyisa eMbilo lapho bebehambise khona izikhalo zabo. Ezikhalweni zabo bafuna kuthathelwe izinyathelo iphoyisa elibizwa ngoMpanza okuthiwa yilona ebelifutha abamashayo ngesisi esikhiphisa  unyembezi kwimashi yangesonto eledlule. Bebefuna kususwe nabokufika abaqhinqe kuChe Guevara. Bebekhala ngokuthi kuvikelwa abokufika kodwa kunabantu bakuleli abahlala emgaqweni uKing Dinuzulu engabe yibona abasizwayo.

Umholi weMarch and March, uNk Jacinta Ngobese-Zuma  uphinde wamemezela umhlaka 15 October 2026 ukuthi kuzoba nengxoxo ezobakhona ngoba abazimisele ngokuthi kuyiwe kovota kusekhona abokufika abangenamaphepha kuleli. Uveze nokuthi kukhona amalungu eMarch and March alinyaziwe eKokstad.

tndlovu@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...