Ilanga News
Home 9 Featured 9 Amaphoyisa acela ukufuniswa umshayeli weloli lengozi ebulale abane

Amaphoyisa acela ukufuniswa umshayeli weloli lengozi ebulale abane

by | 24 August 2025

AMAPHOYISA acela usizo lomphakathi ukuthungatha umshayeli weloli elibandakanyeke engozini okufe kuyona abantu abane (4) emgwaqweni uN3 ngaseBergville, izolo ngoMgqibelo.

Kuthiwa kule ngozi ephazamise ukuhamba kwezimoto emzileni obheke eGoli, kushayisane ibhasi netekisi. Ngemuva kwale ngozi, umshayeli weloli wehle kulona, wacela empunzini.

Abezimo eziphuthumayo, amaphoyisa ophiko lweSAPS nabe Road Traffic Inspectorate basebenze ngokubambisana ukubuyisela esimweni okuhamba kwezimoto kulo mgwaqo.

UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnu Siboniso Duma udlulise amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe, wathi umnyango usezinhlelweni zokuxhumana nayo, ubone lapho ongalekelela khona.

Uthe kuyakhathaza ukuthi ubudedeNingizimu Afrika.

Ezisematheni

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) ukhala ngesinqumo sekhomishana yokhetho i-IEC sokuchitha leli qembu ukuthi lilungise kabusha uhlu lwamakhansela abhaliselwe ukungenela ukhetho loHulumeni baseKhaya oluzokuba  ngomhlaka 4 kuLwezi (November). Esitatimendeni iMKP ithi...

Usefake incwadi yokwesula emaphoyiseni uNkosi

Usefake incwadi yokwesula emaphoyiseni uNkosi

USESULILE emaphoyiseni uSergeant Fannie Nkosi olokhu agcinwa esitokisini kusuka ngoNdasa (March) nonyaka ngamacala ehlukene. Okhulumela amaPhoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe ukuqinisekisile ukwesula kukaNkosi kodwa wathi asikho isinqumo esesithathiwe...

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

INKAMPANI kahulumeni ephethe amachweba nezitimela eNingizimu Afrika  iTransnet  idalule ukuthi noma iyisizinda somnotho kuleli kodwa ibingakaze izinike isikhathi sokuthi iqinisekise ukuthi ekwenzayo kufinyelela ngendlela kubantu. Lokhu kuvele ngesikhathi...