Ilanga News
Home 9 Featured 9 Amaphoyisa acela ukufuniswa umshayeli weloli lengozi ebulale abane

Amaphoyisa acela ukufuniswa umshayeli weloli lengozi ebulale abane

by | 24 August 2025

AMAPHOYISA acela usizo lomphakathi ukuthungatha umshayeli weloli elibandakanyeke engozini okufe kuyona abantu abane (4) emgwaqweni uN3 ngaseBergville, izolo ngoMgqibelo.

Kuthiwa kule ngozi ephazamise ukuhamba kwezimoto emzileni obheke eGoli, kushayisane ibhasi netekisi. Ngemuva kwale ngozi, umshayeli weloli wehle kulona, wacela empunzini.

Abezimo eziphuthumayo, amaphoyisa ophiko lweSAPS nabe Road Traffic Inspectorate basebenze ngokubambisana ukubuyisela esimweni okuhamba kwezimoto kulo mgwaqo.

UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnu Siboniso Duma udlulise amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe, wathi umnyango usezinhlelweni zokuxhumana nayo, ubone lapho ongalekelela khona.

Uthe kuyakhathaza ukuthi ubudedeNingizimu Afrika.

Ezisematheni

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

IVEZE usizi olunzima ebikade ibhekene nalo imindeni yaKwaNongoma eHlalankosi ehlomule ngemizi namhlanje ngoLwesihlanu emuva kokuhlala isikhathi eside 'emafukwini' ngenxa yokukhahlanyezwa izikhukhula. Kuhlomule imindeni ewu-10 ngemizi iyakhelwa uMnyango wezokuBusa...

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

UBONGE uKhomishana wamaPhoyisa waKwaZulu Natal uLt Nhlanhla Mkhwanazi, uBrigadier Dineo Mokwele, ngemuva kokuhoxiswa kwamacala abebhekene nawo nabanye abebesolwa nabo okukhona kubona neNhloko yoPhiko lwezobuNhloli emaphoyiseni General Dumisani Khumalo. UMokwele...

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ihlela ukuvulela ilungu le-DA ePhalamende uMnu Mark Burke nenkampani emataniswa nayo iKastelo icala ngemuva kokusabalala kwezinsolo ezithinta izigidigidi zamarandi. USotswebhu we-ANC ePhalamende uMnu Mdumiseni Ntuli kubikwa ukuthi uthe inhloso yokuvula leli cala...