
USHANSELA waseNdlunkulu, iNkosi uMalusi Zondi ibhonge emswanini ngokukhothama kweNkosi uRukirabasaija Oyo Nyimba Kabamba Iguru Rukidi IV wasebukhosini baseTooro.
“Sithole izindaba ezibuhlungu zokuthi iNkosi uRukidi IV ukhotheme, eneminyaka ewu 34. INdlunkulu kaZulu ikhala nomndeni waasebukhosini, isizwe sonke saBatooro nezwe lonke lase Uganda kulelifu elimnyama elibagubuzele,” esho.
Uchaze iNkosi u-Oyo Nyimba Kabamba Iguru Rukidi IV njengomuntu obebumele ubukhosi futhi enamandla. “Njengoba umhlaba wonke wazi ukuthi wangena esihlalweni sobabamkhulu eneminyaka emithathu vo, mhla ziyi 12 kuMandulo (September) ngo 1995 kulandela ukukhothama kukayise iNkosi Rukirabasaija Patrick David Matthew Kaboyo Olimi III. Ngokwenza njalo waba yinkosi encane kunawowonke e-Uganda endaweni yaseTooro nasemhlabeni wonke jikelele.”
“Ukhule ngokwesiqu nangokobuhlakani, wabusa abantu bakhe iminyaka engaphezu kwewu-30. Silahlekelwe, isizwe sakwaZulu silahlekelwe kanye nesizwe saseTooro. Lala ngoxolo, Ndabezitha. Akwehlanga lungehlanga, umoya wakho mawuphumule ngokuthula,” esho.
UShansela udlulise amazwi enduduzo kwiNdlovukazi u-Omugo Best Kemigisa Akiiki, uNdunankulu waseTooro u-Omuhikirwa Calvin Armstrong Rwomiire Akiiki, umndeni wsebukhosini nesizwe sonkana saseTooro.
“Simi nani kuleli hora lobumnyama. Uwile umuthi omkhulu obuwumthunzi wokukhosela kwabaningi. Sengathi uNkulunkulu anganipha amandla, ubumbano nokududuzeka kulesikhasthi esinzima enidlula kuso. Sikhulekela isiko laseTooro kube yillo eliniholayo ukuze kuqhubeke ubukhosi. Siyi-Afrika yonke silahlekelwe yindodana, umfowethu oyinkosi nomlondolozi wesiko lesintu. Uxhumano phakathi kwemibuso yamakhosi e-Africa kuhlangenwe ngokomoya nangokwegazi, uma ubukhosi obubodwa busemanzini sonke siyalila,” kuchaza uShansela waseNdlunkulu







