Ilanga News
Home 9 Featured 9 Induku emqubeni kowokuhlukanisa unyaka e-ICC

Induku emqubeni kowokuhlukanisa unyaka e-ICC

by | 28 December 2024

BAFIHLE induku emqubeni abahleli bomcimbi iMayine Crossover Gospel Experienece ozobe uqala ukwenzeka kulo nyaka ohlanganisa izintandokazi zabaculi bowokholo eNkosi Albert Luthuli International Covention Centre eThekwini ngobusuku bokuhlukanisa unyaka mhla ka-31 ebusuku.

Lo mcimbi kubhekwe ukuthi uhlanganise abamabandla ahlukene kwazise kuzobe kuwubusuku bendumiso kuphothulwa unyaka futhi kuvulwa unyaka omusha ngomculo we-gospel.

UNks Sane Mbambo ongomunye wabahleli balo mcimbi uthe amalungiselelo ahamba kahle futhi banethemba ukuthi kuzoshaya usuku lomcimbi amathikithi asedayiswe wonke njengoba abantu besaqhubeka nokuwathenga.

Uthe ngeke kube nje wumcimbi kodwa kuzoba yisipiliyoni abantu abazowuhambela abazohamba naso ungunaphakade.

“Inhloso enkulu yethu wukuthi siqophe umlando njengoba sizobe siqala ukuwenza futhi sizimisele ukuwenza minyaka yonke. Sifisa abantu bahambe bengawuvali umlomo njengoba indumiso izosho kusukela bengena baze bayophuma ngakusasa,” kusho uNkz Mbambo eveza ukuthi konke abakudingayo abantu bazokuthola ngaphakathi e-ICC.

“Ukudla iziphuzo kuzobe kudayiswa ngamanani ahamba kahle futhi ngeke bakhale ngalutho,” esho.

Uthe ngasemculweni bafihle induku emqubeni njengoba kuzoba kuningi okuzobamangaza okuzobe kwenzeka.

“Sizohlanganisa abaculi abangakaze bahlangane becula ingoma siphinde sinikeze nethalente elisha ithuba njengoba sike saba nenhlolokhono sithungatha abaculi abasha,” kusho uNks Mbambo.

“Engingakusho ukuthi abantu sibaphathele into yamehlo yodwa futhi ongakawathengi amathikithi kumele aphuthume ukuze angene onyakeni omusha ngendlela ephephile futhi ebusisekile,” kusho yena.

Amathikithi alo mcimbi ayatholakala eWebtickets kusukela ku-R350, R500, kuya ku-R1000 awezicukuthwane bese kuthi izitatanyiswa awazo abize u-R1500

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...