Ilanga News
Home 9 Featured 9 Induku emqubeni kowokuhlukanisa unyaka e-ICC

Induku emqubeni kowokuhlukanisa unyaka e-ICC

by | 28 December 2024

BAFIHLE induku emqubeni abahleli bomcimbi iMayine Crossover Gospel Experienece ozobe uqala ukwenzeka kulo nyaka ohlanganisa izintandokazi zabaculi bowokholo eNkosi Albert Luthuli International Covention Centre eThekwini ngobusuku bokuhlukanisa unyaka mhla ka-31 ebusuku.

Lo mcimbi kubhekwe ukuthi uhlanganise abamabandla ahlukene kwazise kuzobe kuwubusuku bendumiso kuphothulwa unyaka futhi kuvulwa unyaka omusha ngomculo we-gospel.

UNks Sane Mbambo ongomunye wabahleli balo mcimbi uthe amalungiselelo ahamba kahle futhi banethemba ukuthi kuzoshaya usuku lomcimbi amathikithi asedayiswe wonke njengoba abantu besaqhubeka nokuwathenga.

Uthe ngeke kube nje wumcimbi kodwa kuzoba yisipiliyoni abantu abazowuhambela abazohamba naso ungunaphakade.

“Inhloso enkulu yethu wukuthi siqophe umlando njengoba sizobe siqala ukuwenza futhi sizimisele ukuwenza minyaka yonke. Sifisa abantu bahambe bengawuvali umlomo njengoba indumiso izosho kusukela bengena baze bayophuma ngakusasa,” kusho uNkz Mbambo eveza ukuthi konke abakudingayo abantu bazokuthola ngaphakathi e-ICC.

“Ukudla iziphuzo kuzobe kudayiswa ngamanani ahamba kahle futhi ngeke bakhale ngalutho,” esho.

Uthe ngasemculweni bafihle induku emqubeni njengoba kuzoba kuningi okuzobamangaza okuzobe kwenzeka.

“Sizohlanganisa abaculi abangakaze bahlangane becula ingoma siphinde sinikeze nethalente elisha ithuba njengoba sike saba nenhlolokhono sithungatha abaculi abasha,” kusho uNks Mbambo.

“Engingakusho ukuthi abantu sibaphathele into yamehlo yodwa futhi ongakawathengi amathikithi kumele aphuthume ukuze angene onyakeni omusha ngendlela ephephile futhi ebusisekile,” kusho yena.

Amathikithi alo mcimbi ayatholakala eWebtickets kusukela ku-R350, R500, kuya ku-R1000 awezicukuthwane bese kuthi izitatanyiswa awazo abize u-R1500

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...