Ilanga News
Home 9 Featured 9 Amaphoyisa ahloma ngemibuzo ababili kutholakala isidumbu sika-9 Ekurhuleni

Amaphoyisa ahloma ngemibuzo ababili kutholakala isidumbu sika-9 Ekurhuleni

by | 18 September 2026

INHLANGANO elwela amalungelo abantu i-Amnesty International isinxuse uhulumeni ukuthi ubumbe imithetho ezoqondana namacala okubulawa kwabesifazane ngenxa yobulili babo njengoba kwanda ukutholakala kwezidumbu zabesifazane bebulewe eKurhuleni.

Lokhu kuza emva kokuthi ngoLwesihlanu kutholakale isidumbu sesiShiyagalolunye (9) sowesifazane ebulewe.

Isekela likaNgqongqoshe wamaPhoyisa kuZwelonke, uDkt Polly Boshielo lithe bathathu abantu abasemaphoyiseni abasaphekwa ngemibuzo ngalezi zigameko zokubulawa kwabesifazane ezenzeka eKurhuleni.

Namuhla izinhlangano ezehlukene ziyabhikisha ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa saseKempton Park ngenhloso yokuthi amaphoyisa alusukumele udaba lokubulawa kwabesifazane okusabalele kule ndawo.

I-Amnesty International ifuna uhulumeni agxile ezigamekweni ezithinta ukubulawa kwabesifazane, uphinde uqinise isandla kwiziphathimandla nokukhipha izinsiza ezanele ukulwa nalama cala.

Umqondisi kule nhlangano, uShenilla Mohamed, uthe ukutshela abesifazane ukuthi bangahambi noma bagijime ngabodwana akukhona ukubavikela lokho.

Uthe umthwalo wokuvikeleka akumele ubekwe emahlombe abesifazane.

Le nhlangano ithe ukulandelela ikhona okubalulekile kunokuthi kucace yonke into ngemininingwane ethinta lezi zigameko. Ukuhlolwa kwezidumbu nakho, ithe le nhlangano kumele kube yinto esheshiswayo ukuthola iqiniso ngokufa kwalaba besifazane bese kuphinde  kulethwa izinsiza ezanele kuqiniswe nophiko lweFamily Violence, Child Protection and Sexual Offences.

Ngokocwaningo lwale nhlangano kuvela ukuthi kubulawa abesifazane abangu-15 ngosuku eNingizimu Afrika.

Ezisematheni

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

INKATHA Freedom Party (IFP) inxuse abavoti ukuba bayethembe njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi nonyaka. Ethula inkulumo emcimbini wokwethulwa komhlahlandlela wokhetho, uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa uthe zinhlanu...

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

ASABAMBE ongenzansi amalungu omphakathi wakwa-V, ezakhiweni eZimeleni, eMlazi, ngowesilisa okuthiwa ushokhwe wugesi washona belungiselela ukuyolala nentombi entsha, ethi ifike endlini yakhe izomqoma. Umndeni kamufi uMnu Philani Mkhungo (36), uthi usele nemibuzo...

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

UMLINGISI wakumabonakude uMenzi Nxumalo uthi kuningi okusadingeka ukuba kwenzelwe abantu abaphila nokukhubazeka ukuze nabo bazibone beyingxenye yomphakathi. Enhlangnweni ayisungulile engenzinzuzo iNokusa Support for Disabled People uthi ibhekela izidingo iphinde futhi...