Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 UMatlala unqabe ukudalula ababekhokhela uSibiya kwiMadlanga

UMatlala unqabe ukudalula ababekhokhela uSibiya kwiMadlanga

by | 27 August 2026

KUMSHUBELE kwiKhomishini kaMadlanga usomabhizinisi oyamaniswa neqembu lezigebengu, uMnu Vusumuzi ‘Cat’ Matlala enqaba ukuphendula eminye imibuzo ekhala ngokuthi uzolimaza icala njengoba kusamele aphendule enkantolo ngamacala athweswe wona.

UMatlala ubenqaba ukuveza amagama abantu, okuthiwa babekhokhela  iPhini loMkhuzi wamaPhoyisa kuZwelonke elimisiwe, uGeneral Shadrack Sibiya.

UKhomishana Sandile Khumalo uthe asizwakali isizathu sikaMatlala sokuthi uzolimaza icala ngokuveza amagama abantu ababekhokhela uGeneral Sibiya. Uthe icala abhekene nalo enkantolo elokuzama ukubulala akaqondi ukuthi lihlangana kuphi nalokhu okumele akuphendulo. Kunalokho uKhomishana Khumalo uthe uMatlala usaba ukugaxelisa abantu okuthiwa babekhokhela uSibiya okuvela negama likasomabhizinisi, uMnu Steve Motsumi kubona.

UMatlala uyena ozisholo ukuthi abantu ababekhokhela uSibiya ngabaseGauteng kodwa ngeke awasho amagama abo. Exinwa ngemibuzo ugcine esethi umuntu owayengumxhumanisi ekukhokhweni kwemali phakathi kukaSibiya nalaba bantu uSergeant Fanie Nkosi.

Lo somabhizinisi uthe indaba yenkokhelo kaSibiya wayeyiveze ngo-April  2025 ehlangene noMkhuzi wamaPhoyisa wakwaZulu-Natal, uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi okunguyena amtshela ngemali okusolakala ukuthi yayikhokhelwa uSibiya ngabathile. Ukuhlangana kukaMatlalanoMkhwanazi kuthiwa  kwakuhlelwe owayenguNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu Bheki Cele. Inhloso yawo kwakungukuthi uMkhwanazi angenelele ekuvezeleni uMnyango wezabasebenzi emaphoyiseni ukuthi kungani inkampani kaMatlala iMedicare24 ingenzi kahle. Ekuhlanganeni kwabo kuthiwa akuhambanga kahle njengoba kulapho kwavela khona ukuthi uMatlala unokuxhumana nosomatekisi owayesatshwa uJotham Msibi nokuthiwa wayengumholi weqembu lezigebengu iBig Five Cartel. Kuthiwa babehlanganiswa ukuthi inkampani kaMatlala yonogada yayigada uMsibi. Esagada uMsibi uthe wabona nowayeyinhloko yoKlebe kwaZulu-Natal uMajor General Lesetja Senona evakashele uMsibi epulazini lakhe.

KwiMadlanga uSenona wayethe uMatlala umazi ngokuthi wayengomunye wababemenywe emshadweni wakhe eSoshanguve. Ukufakaza kukaMatlala kuhlehlile.

Ezisematheni

UNtuli nezingxoxo zokubuyisana kuhlaselwa abe-IFP

UNtuli nezingxoxo zokubuyisana kuhlaselwa abe-IFP

IQEMBU iNkatha Freedom Party (IFP), kwaZulu-Natal ligxeka isigameko sokushaywa kulinywazwe amalungu aleli qembu amathathu, abekhankasa eZingolweni, kwaNyuswa, kuWard 34. Lesi sigameko senzeke ngesikhathi amavolontiya e-IFP ekhankasa ngeSonto kule ndawo. Laba abebenza...

Ibalulekile indima edlalwa yimithi yesintu ekwelapheni

Ibalulekile indima edlalwa yimithi yesintu ekwelapheni

IMITHI yesintu iyingxenye yempilo yabamnyama. Kwesinye isikhathi uyaye uthole ukuthi abanye baze bangabaze ukusebenzisa imithi yasentshonalanga, ngenxa yokukholelwa ekutheni isebenza kangcono eyesintu.Kusukela mhla ka-26 kuya kumhla ka-31 August, kusuke kubungazwa...

Owodumo lohlelo lwe-TV ugaqele esobumeya eMhlathuze

Owodumo lohlelo lwe-TV ugaqele esobumeya eMhlathuze

UMENYEZELWE njengozomela iDemocratic Alliance esikhundleni sobumeya eMhlathuze, uRob Bentele (osezithombeni) owazakhela udumo enqoba ohlelweni lukamabonakude iSurvivor South Africa. UBentele uzakhele udumo ngo-2019 enqoba kulolu hlelo obelukhonjiswa esiteshini...