Ilanga News
Home 9 Featured 9 Amaphoyisa asezwakalise ukukhathazeka ngemibiko engenasisekelo ngoLt Gen Mkhwanazi

Amaphoyisa asezwakalise ukukhathazeka ngemibiko engenasisekelo ngoLt Gen Mkhwanazi

by | 26 January 2025

AMAPHOYISA aKwaZulu Natal asezwakalise ukukhathazeka ngemibiko esabalele athi awalona iqiniso ngoKhomishana wawo kulesi sifundazwe uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.

Aveze ukuthi ayayichitha le mibiko esatshalaliswa ngo-whatsapp ngokhomishana wawo njengoba iveza izinsolo ezingenasisekelo futhi izama ukwenza ukusebenza kwamaphoyisa kube ntekenteke, hhayi nje kulesi sifundazwe kodwa ezweni jikelele.

Okhulumela amaphoyisa akulesi sifundazwe uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa ayaqhubeka nokwenza izigilamkhuba zingakhululeki ngakho le mibiko esabalele iyingxenye yokwehlisa isithunzi sikakhomishana.

Uthe amaphoyisa azoqhubeka nokuqinisa isandla ezigebengwini futhi ngeke avumele le mibiko iphazamise ukusebenza kwawo.

UColonel Netshiunda uthe amaphoyisa aKwaZulu Natal anxusa noma ngubani ongaba nobufakazi obuqandula ikhanda ngoKhomishana wamaPhoyisa avule icala ukuze akwazi ukuziphendulela enkantolo uma kunesidingo njengawo wonke umuntu wakuleli.

Uthe ngeke bakuvumele ukuthi igama likaKhomishana lidicilelwe phansi ezinkundleni zokuxhumana abantu bashiye abangalazi ngaye.

Uthe kuyacaca ukuthi ukuthi umuntu osabalalisa le mibiko emgelona iqiniso unezinhloso zokwehlisa izithunzi sikaKhomishana ngoba uma ubenezinhloso ezinhle ubezovula icala bese umthetho uthatha indawo yawo.

Unezele ngokuthi bengamaphoyisa ngeke bakuvumele lokhu kubaphazamise ekusebenzeni wabo.

ULieutenant General Mkhwanazi uthe usagxilile emsebenzini wakhe futhi unxusa wonke amaphoyisa ukuba nawo angagudluki kwinqubomgomo yomsebenzi wawo.

Uthe bengamaphoyisa bajutshwe ukuqinisekisa ukuthi abantu baKwaZulu Natal baphephile futhi nempahla yabo ivikelekile.

Uthe baqeqeshiwe ukuthi bakushaye indiva ukusatshiswa, izinsolo ezingenasisekelo namanga asatshalaliswa ngabo

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...