Ilanga News
Home 9 Featured 9 Amaphoyisa asezwakalise ukukhathazeka ngemibiko engenasisekelo ngoLt Gen Mkhwanazi

Amaphoyisa asezwakalise ukukhathazeka ngemibiko engenasisekelo ngoLt Gen Mkhwanazi

by | 26 January 2025

AMAPHOYISA aKwaZulu Natal asezwakalise ukukhathazeka ngemibiko esabalele athi awalona iqiniso ngoKhomishana wawo kulesi sifundazwe uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.

Aveze ukuthi ayayichitha le mibiko esatshalaliswa ngo-whatsapp ngokhomishana wawo njengoba iveza izinsolo ezingenasisekelo futhi izama ukwenza ukusebenza kwamaphoyisa kube ntekenteke, hhayi nje kulesi sifundazwe kodwa ezweni jikelele.

Okhulumela amaphoyisa akulesi sifundazwe uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa ayaqhubeka nokwenza izigilamkhuba zingakhululeki ngakho le mibiko esabalele iyingxenye yokwehlisa isithunzi sikakhomishana.

Uthe amaphoyisa azoqhubeka nokuqinisa isandla ezigebengwini futhi ngeke avumele le mibiko iphazamise ukusebenza kwawo.

UColonel Netshiunda uthe amaphoyisa aKwaZulu Natal anxusa noma ngubani ongaba nobufakazi obuqandula ikhanda ngoKhomishana wamaPhoyisa avule icala ukuze akwazi ukuziphendulela enkantolo uma kunesidingo njengawo wonke umuntu wakuleli.

Uthe ngeke bakuvumele ukuthi igama likaKhomishana lidicilelwe phansi ezinkundleni zokuxhumana abantu bashiye abangalazi ngaye.

Uthe kuyacaca ukuthi ukuthi umuntu osabalalisa le mibiko emgelona iqiniso unezinhloso zokwehlisa izithunzi sikaKhomishana ngoba uma ubenezinhloso ezinhle ubezovula icala bese umthetho uthatha indawo yawo.

Unezele ngokuthi bengamaphoyisa ngeke bakuvumele lokhu kubaphazamise ekusebenzeni wabo.

ULieutenant General Mkhwanazi uthe usagxilile emsebenzini wakhe futhi unxusa wonke amaphoyisa ukuba nawo angagudluki kwinqubomgomo yomsebenzi wawo.

Uthe bengamaphoyisa bajutshwe ukuqinisekisa ukuthi abantu baKwaZulu Natal baphephile futhi nempahla yabo ivikelekile.

Uthe baqeqeshiwe ukuthi bakushaye indiva ukusatshiswa, izinsolo ezingenasisekelo namanga asatshalaliswa ngabo

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...