Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Kuboshwe nabefundisi ngokwephula imithetho yomgwaqo’

‘Kuboshwe nabefundisi ngokwephula imithetho yomgwaqo’

by | 18 November 2025

KUBALWA nabefundisi kubantu ababoshelwe amacala okwephula imthetho yemigwaqo yakuleli ngempelasonto. NgoLwesihlanu ebusuku kuze kube wuMgqibelo ngezithuba zasekuseni, uNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa KwaBantu KwaZulu-Natal uMnu Siboniso Duma, ngokubambisana nozakwabo emkhakheni wezokuphepha, benze isivimba-mgwaqo emgwaqweni owuthelawayeka uN2, eMpangeni.

Ngesikhathi kuqhutshwa lo mkhankaso, kubanjwe abantu abaningi abebenza okuphambene nomthetho olawula ukusebenza nokusetshenziswa kwemigwaqo yakuleli. Kuphinde kwashaqwa nabantu abawu-15, okutholakale ukuthi bakuleli ngokungemthetho.

Lona wumkhankaso oqhutshwa kusetshenziswa itemu lomnyango wezokuthutha elithi, #NenzaniLaEzweni, okuhloswe ngawo ukukhuculula okungahambi kahle emigwaqweni yesifundazwe. Bonke okutholakale ukuthi kabanawo amaphepha abagunyaza ukuba kuleli, bagcinwe esitokisini saseMgungundlovu.

Ngokwesitatimende esikhishwe yilo mnyango, phakathi kwababoshiwe abawu-113, kukhona abashayeli bamaloli, udokotela, iphoyisa, abezicishamlilo, abefundisi, othisha ababili, nomfundi oboshelwe icala lokushaya iphoyisa. Kuphinde kwakhishwa amathikithi awu-80 abhekiswe kubantu abephule imithetho yokuhamba ngesivinini esibekiwe.

Ngesivinini sisodwa nje, lo mnyango uphumelele ukuqoqa imali elinganiselwa ku-R40 000.

“Kule mikhankaso umnyango usebenzisana nokhomishana wamaphoyisa kulesi sifundazwe, namaphoyisa. Sithanda ukubexwayisa abashayeli ukugwema ukushayela bephuzile. Sinxusa umphakathi ukubambisana nathi, ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uphephile. Yisikhathi esibucayi lesi.

“Sibonga ukusebenza ngokubambisana nabezempilo abebephe-the imishini yokuhlola izinga lotshwala emzimbeni womshayeli wemoto ngayinye,” kusho uMnu Ndabezinhle Sibiya, okhulumela umnyango.

Ezisematheni

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

INKAMPANI kahulumeni ephethe amachweba nezitimela eNingizimu Afrika  iTransnet  idalule ukuthi noma iyisizinda somnotho kuleli kodwa ibingakaze izinike isikhathi sokuthi iqinisekise ukuthi ekwenzayo kufinyelela ngendlela kubantu. Lokhu kuvele ngesikhathi...

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) uchithe esikhundleni unobhala jikelele weqembu, uMnu Sibonelo Nomvalo wafaka, uNkz Lindiwe Mtshali esikhundleni sakhe. Izinguquko zenzeke emva kophenyo lwangaphakathi oluveza ukuthi uNomvalo kukhona izinto angazihambisi kahle eqenjini...

“Uma ningavoti azobuya amasela”

“Uma ningavoti azobuya amasela”

UMHOLI nomsunguli weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma uthi abantu abaphume ngobuningi babo, bayovota ngoLwesithathu, lomhlaka 4 kuLwezi (November). Uthi, uma abantu bengavoti, amasela nezikhohlakali, bazoqhubeka babesemandleni. Amalungu eMarch and March,...