Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Kuboshwe nabefundisi ngokwephula imithetho yomgwaqo’

‘Kuboshwe nabefundisi ngokwephula imithetho yomgwaqo’

by | 18 November 2025

KUBALWA nabefundisi kubantu ababoshelwe amacala okwephula imthetho yemigwaqo yakuleli ngempelasonto. NgoLwesihlanu ebusuku kuze kube wuMgqibelo ngezithuba zasekuseni, uNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa KwaBantu KwaZulu-Natal uMnu Siboniso Duma, ngokubambisana nozakwabo emkhakheni wezokuphepha, benze isivimba-mgwaqo emgwaqweni owuthelawayeka uN2, eMpangeni.

Ngesikhathi kuqhutshwa lo mkhankaso, kubanjwe abantu abaningi abebenza okuphambene nomthetho olawula ukusebenza nokusetshenziswa kwemigwaqo yakuleli. Kuphinde kwashaqwa nabantu abawu-15, okutholakale ukuthi bakuleli ngokungemthetho.

Lona wumkhankaso oqhutshwa kusetshenziswa itemu lomnyango wezokuthutha elithi, #NenzaniLaEzweni, okuhloswe ngawo ukukhuculula okungahambi kahle emigwaqweni yesifundazwe. Bonke okutholakale ukuthi kabanawo amaphepha abagunyaza ukuba kuleli, bagcinwe esitokisini saseMgungundlovu.

Ngokwesitatimende esikhishwe yilo mnyango, phakathi kwababoshiwe abawu-113, kukhona abashayeli bamaloli, udokotela, iphoyisa, abezicishamlilo, abefundisi, othisha ababili, nomfundi oboshelwe icala lokushaya iphoyisa. Kuphinde kwakhishwa amathikithi awu-80 abhekiswe kubantu abephule imithetho yokuhamba ngesivinini esibekiwe.

Ngesivinini sisodwa nje, lo mnyango uphumelele ukuqoqa imali elinganiselwa ku-R40 000.

“Kule mikhankaso umnyango usebenzisana nokhomishana wamaphoyisa kulesi sifundazwe, namaphoyisa. Sithanda ukubexwayisa abashayeli ukugwema ukushayela bephuzile. Sinxusa umphakathi ukubambisana nathi, ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uphephile. Yisikhathi esibucayi lesi.

“Sibonga ukusebenza ngokubambisana nabezempilo abebephe-the imishini yokuhlola izinga lotshwala emzimbeni womshayeli wemoto ngayinye,” kusho uMnu Ndabezinhle Sibiya, okhulumela umnyango.

Ezisematheni

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

IVEZE usizi olunzima ebikade ibhekene nalo imindeni yaKwaNongoma eHlalankosi ehlomule ngemizi namhlanje ngoLwesihlanu emuva kokuhlala isikhathi eside 'emafukwini' ngenxa yokukhahlanyezwa izikhukhula. Kuhlomule imindeni ewu-10 ngemizi iyakhelwa uMnyango wezokuBusa...

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

UBONGE uKhomishana wamaPhoyisa waKwaZulu Natal uLt Nhlanhla Mkhwanazi, uBrigadier Dineo Mokwele, ngemuva kokuhoxiswa kwamacala abebhekene nawo nabanye abebesolwa nabo okukhona kubona neNhloko yoPhiko lwezobuNhloli emaphoyiseni General Dumisani Khumalo. UMokwele...

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ihlela ukuvulela ilungu le-DA ePhalamende uMnu Mark Burke nenkampani emataniswa nayo iKastelo icala ngemuva kokusabalala kwezinsolo ezithinta izigidigidi zamarandi. USotswebhu we-ANC ePhalamende uMnu Mdumiseni Ntuli kubikwa ukuthi uthe inhloso yokuvula leli cala...