Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Indida ngomshado weSilo noNdlunkulu uMaMyeni

Indida ngomshado weSilo noNdlunkulu uMaMyeni

by | 21 January 2025

SEKUQUBULE ukuqagela “ngokumiswa” kwendumezulu yomshado obekulindeleke ukuba ube phakathi kweSilo samaZulu, uMisuzulu kaZwethini noNdlunkulu uNomzamo “Masesi” Myeni wesigodlo saseMachobeni, eNgwavuma.

Okuqubula izinkukumo wukuthi kubonakala sengathi kwayena undlunkulu ubengazi ngokumiswa komkhehlo nomshado wakhe obekumele ube ngoLwesihlanu kubo eMakhonyeni, eJozini, lapho ebezobe ekhehlwa yiSilo, kugcagcwe ngeSonto.

Lokhu kufakazelwa wukuthi usuku iSilo esibhale ngalo incwadi ebeyibhekiswe kwiNhloko kaHulumeni wesiFundazwe, uNkk Nonhlanhla Mkhize, sithi makaphucwe yonke imihlomulo ayithola kuhulumeni okuhlanganisa nonogada, uNdlunkulu MaMyeni, ubesendleneni ebheke koninalume eyocimela (eyovalelisa) njengoba bekulundeleke ukuba ashade.

Kule ncwadi iSilo kasichazi ukuthi kungani kuhlehla umshado, kodwa siyakuveza ukuthi zonke izinhlelo eziqondene nomshado kumele zime. Ngokuthola kweLANGA, usuku iSilo esibhale ngalo le ncwadi ongukuMgqibelo, uNdlunkulu MaMyeni, yena ubekade efika kubo, wabe esehamba nabebemphelezela, belibhekise koninalume, eyocimela, ezobuya angene emgoqweni.

“Ngaphambi kokuba agonqe, bekuzoqale kube nomhlangano neNkosi yakwaMyeni neyakwaGumede, kuyodingiwa ngezinhlelo zomkhehlo nawomshado ngeSonto. Siyamangala manje uma sekusabalele incwadi ethi umshado kawusekho, umndeni ungaziswanga,” kusho umthombo waleli phephandaba. Ngokuthola kwaleli phephandaba, kunomakhelwane nezihlobo abese beqalile ukutheleka kwaMyeni, ukuzokwelekelela ngamalungiselelo.

“Kuyimanje kuyaphithizela egcekeni, abantu bebefuna ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi kaNdlunkulu uyalungiselelwa, ukuze uhambe kahle,” kusho umthombo.

Kuvela ukuthi nawo umndeni kaNdlunkuku bewusashayana ngamakhanda ngemuva kokubona le mibiko, kwazise uthi bewungakaziswa lutho.

“Kuyasixaka ukuthi indaba enkulu kangaka esithinta ngqo, siyizwe ngabezindaba iNdlunkulu ingazihluphi ngokuxhumana nathi,” kusho isihlobo sakwaMyeni.

Kuzokhumbuleka ukuthi uthando lweNgonyama noMaMyeni kukhona abaningi olungehlanga kahle kubona. Ngisho nangaphakathi eNdlunkulu kubikwa ukuthi baningi ababengafuni kuphume izinkomo zamabheka, ziyiswe kwaMyeni ngoNhlaba (May).

ILANGA elazifikela mathupha emcimbini wamabolobo, labika ukuthi ngisho usuku okwagcinwa kuthunyelwa ngalo abakhongi lwalufihliwe.

Ngemuva kokulotsholwa kukaNdlunkulu MaMyeni, kuvele imibiko ehlukene ngaye, ekuthi unabantwana asevele enabo, nokwakukhalisa abaningi ukuthi kungani iSilo sithatha owesifazane ozele.

Ulotsholwe ngezinkomo eziwu-16 zoboya, sathi iSilo labo abakhathazekile mabakhululeke ngoba uMaMyeni ungowaso, ugana sona.

“Ngabona intombi, ngayithanda, ngayishela, yangiqoma. Njengoba elotsholwa nje uzogana mina,” kusho iSilo.

Muva nje ILANGA like labika ngokuvungama kwababathile abebekhala ngokuvalelwa ngaphandle kwendodakazi endala kaMaMyeni, bethi basabela ukuthi uyayifihla.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMaMyeni wayetshele ILANGA ukuthi yena unengane eyodwa vo, athi ngeyentombazane ineminyaka emine, futhi iyaziwa eNdlunkulu. Ngeledlule ILANGA libike ukuthi uphinde abe nendodakazi endaba, efunda e-University of KwaZulu-Natal (igama layo esiligodlile).

ILANGA liyishayela yathi kakulona iqiniso ukuthi yayingekho, ithi wukuthi nje kayiphumanga endlini ngalelo langa ngoba yayimatasa kakhulu.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...