Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Indida ngomshado weSilo noNdlunkulu uMaMyeni

Indida ngomshado weSilo noNdlunkulu uMaMyeni

by | 21 January 2025

SEKUQUBULE ukuqagela “ngokumiswa” kwendumezulu yomshado obekulindeleke ukuba ube phakathi kweSilo samaZulu, uMisuzulu kaZwethini noNdlunkulu uNomzamo “Masesi” Myeni wesigodlo saseMachobeni, eNgwavuma.

Okuqubula izinkukumo wukuthi kubonakala sengathi kwayena undlunkulu ubengazi ngokumiswa komkhehlo nomshado wakhe obekumele ube ngoLwesihlanu kubo eMakhonyeni, eJozini, lapho ebezobe ekhehlwa yiSilo, kugcagcwe ngeSonto.

Lokhu kufakazelwa wukuthi usuku iSilo esibhale ngalo incwadi ebeyibhekiswe kwiNhloko kaHulumeni wesiFundazwe, uNkk Nonhlanhla Mkhize, sithi makaphucwe yonke imihlomulo ayithola kuhulumeni okuhlanganisa nonogada, uNdlunkulu MaMyeni, ubesendleneni ebheke koninalume eyocimela (eyovalelisa) njengoba bekulundeleke ukuba ashade.

Kule ncwadi iSilo kasichazi ukuthi kungani kuhlehla umshado, kodwa siyakuveza ukuthi zonke izinhlelo eziqondene nomshado kumele zime. Ngokuthola kweLANGA, usuku iSilo esibhale ngalo le ncwadi ongukuMgqibelo, uNdlunkulu MaMyeni, yena ubekade efika kubo, wabe esehamba nabebemphelezela, belibhekise koninalume, eyocimela, ezobuya angene emgoqweni.

“Ngaphambi kokuba agonqe, bekuzoqale kube nomhlangano neNkosi yakwaMyeni neyakwaGumede, kuyodingiwa ngezinhlelo zomkhehlo nawomshado ngeSonto. Siyamangala manje uma sekusabalele incwadi ethi umshado kawusekho, umndeni ungaziswanga,” kusho umthombo waleli phephandaba. Ngokuthola kwaleli phephandaba, kunomakhelwane nezihlobo abese beqalile ukutheleka kwaMyeni, ukuzokwelekelela ngamalungiselelo.

“Kuyimanje kuyaphithizela egcekeni, abantu bebefuna ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi kaNdlunkulu uyalungiselelwa, ukuze uhambe kahle,” kusho umthombo.

Kuvela ukuthi nawo umndeni kaNdlunkuku bewusashayana ngamakhanda ngemuva kokubona le mibiko, kwazise uthi bewungakaziswa lutho.

“Kuyasixaka ukuthi indaba enkulu kangaka esithinta ngqo, siyizwe ngabezindaba iNdlunkulu ingazihluphi ngokuxhumana nathi,” kusho isihlobo sakwaMyeni.

Kuzokhumbuleka ukuthi uthando lweNgonyama noMaMyeni kukhona abaningi olungehlanga kahle kubona. Ngisho nangaphakathi eNdlunkulu kubikwa ukuthi baningi ababengafuni kuphume izinkomo zamabheka, ziyiswe kwaMyeni ngoNhlaba (May).

ILANGA elazifikela mathupha emcimbini wamabolobo, labika ukuthi ngisho usuku okwagcinwa kuthunyelwa ngalo abakhongi lwalufihliwe.

Ngemuva kokulotsholwa kukaNdlunkulu MaMyeni, kuvele imibiko ehlukene ngaye, ekuthi unabantwana asevele enabo, nokwakukhalisa abaningi ukuthi kungani iSilo sithatha owesifazane ozele.

Ulotsholwe ngezinkomo eziwu-16 zoboya, sathi iSilo labo abakhathazekile mabakhululeke ngoba uMaMyeni ungowaso, ugana sona.

“Ngabona intombi, ngayithanda, ngayishela, yangiqoma. Njengoba elotsholwa nje uzogana mina,” kusho iSilo.

Muva nje ILANGA like labika ngokuvungama kwababathile abebekhala ngokuvalelwa ngaphandle kwendodakazi endala kaMaMyeni, bethi basabela ukuthi uyayifihla.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMaMyeni wayetshele ILANGA ukuthi yena unengane eyodwa vo, athi ngeyentombazane ineminyaka emine, futhi iyaziwa eNdlunkulu. Ngeledlule ILANGA libike ukuthi uphinde abe nendodakazi endaba, efunda e-University of KwaZulu-Natal (igama layo esiligodlile).

ILANGA liyishayela yathi kakulona iqiniso ukuthi yayingekho, ithi wukuthi nje kayiphumanga endlini ngalelo langa ngoba yayimatasa kakhulu.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...