Ilanga News
Home 9 Featured 9 Amaphoyisa athungatha abasolwa ngokudutshulwa kwabane ethaveni

Amaphoyisa athungatha abasolwa ngokudutshulwa kwabane ethaveni

by | 4 February 2025

AMAPHOYISA aKwaZulu Natal athungatha abasolwa abahlanu abasolwa ngokubulala abane okukhona namaphoyisa amabili kubona esigamekweni esenzeke ethaveni esemgwaqweni Ikhwezi esigcemeni saseBhidla eSundumbili ngoMsombuluko ebusuku.

Kubikwa ukuthi abashonile behlangene kule thaveni bezidlela amanzi amponjwana ngesikhathi kusuka ingxabano kwephoyisa elilodwa nabasolwa abahlanu.

Ngokusho kwamaphoyisa akulesi sifundazwe le ngxabano ixazululekile kwaqhutshekwa nokuphuzwa.

“Ngokuhamba kobusuku kuphinde kwasuka enye ingxabano nabo laba basolwa abahlanu kwasekuba nokudubulana nokuyilapho kudubuleleke iphoyisa,” kusho uColonel Robert Netshiunda okhulumela amaphoyisa esifundazwe.

Ngesikhathi laba basolwa beqhubeka nokudubula kube sekudubuleka nabanye abathathu okuhlanganisa nelinye iphoyisa.

Ngesikhathi efika amaphoyisa endaweni yesigameko afice sebeshonile abane kanti abanye belimele kanzima.

Amaphoyisa athole athole ukuthi le ndawo laba balida abebephuzela kuyona beyingekho emthethweni njengoba ebe eseqoqa bonke utshwala obebukhona kule thaveni.

UNetshiunda uthe imbangela yalesi sigameko beyingakatholakali njengoba enxuse noma ngubani ongaba nolwazi axhumane namaphoyisa aseduzane kule nombolo yocingo 0860010111.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...