Ilanga News
Home 9 Featured 9 Amaphoyisa athungatha abasolwa ngokudutshulwa kwabane ethaveni

Amaphoyisa athungatha abasolwa ngokudutshulwa kwabane ethaveni

by | 4 February 2025

AMAPHOYISA aKwaZulu Natal athungatha abasolwa abahlanu abasolwa ngokubulala abane okukhona namaphoyisa amabili kubona esigamekweni esenzeke ethaveni esemgwaqweni Ikhwezi esigcemeni saseBhidla eSundumbili ngoMsombuluko ebusuku.

Kubikwa ukuthi abashonile behlangene kule thaveni bezidlela amanzi amponjwana ngesikhathi kusuka ingxabano kwephoyisa elilodwa nabasolwa abahlanu.

Ngokusho kwamaphoyisa akulesi sifundazwe le ngxabano ixazululekile kwaqhutshekwa nokuphuzwa.

“Ngokuhamba kobusuku kuphinde kwasuka enye ingxabano nabo laba basolwa abahlanu kwasekuba nokudubulana nokuyilapho kudubuleleke iphoyisa,” kusho uColonel Robert Netshiunda okhulumela amaphoyisa esifundazwe.

Ngesikhathi laba basolwa beqhubeka nokudubula kube sekudubuleka nabanye abathathu okuhlanganisa nelinye iphoyisa.

Ngesikhathi efika amaphoyisa endaweni yesigameko afice sebeshonile abane kanti abanye belimele kanzima.

Amaphoyisa athole athole ukuthi le ndawo laba balida abebephuzela kuyona beyingekho emthethweni njengoba ebe eseqoqa bonke utshwala obebukhona kule thaveni.

UNetshiunda uthe imbangela yalesi sigameko beyingakatholakali njengoba enxuse noma ngubani ongaba nolwazi axhumane namaphoyisa aseduzane kule nombolo yocingo 0860010111.

Ezisematheni

Kuphelile ukuqagela ngekusasa likaNdlozi kwipolitiki yaseMzansi

Kuphelile ukuqagela ngekusasa likaNdlozi kwipolitiki yaseMzansi

UPHUMELE obala okokuqala ngemuva kwezinkulumo ezike zasabalala ngaye uDkt Mbuyiseni Ndlozi ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ze-SABC ngeSonto. UNdlozi udalule usethathe isinqumo sokuhoxa kwipolitiki yamaqembu kodwa usaqhubeka nokusebenzela umphakathi kodwa ngendlela...

Umndeni kaSosayensi ucela ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni

Umndeni kaSosayensi ucela ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni

UMNDENI kaSosayensi waKwaNongoma, uNkz Senamile Masango, usubhalele uMongameli uMnu Cyril Ramaphosa incwadi ucela ukuba ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni wesigaba sesibili. Umndeni waKwaMasango uthi likhulu iqhaza elibanjwe yindodakazi yabo emkhakheni wezemfundo...

Amazwi enduduzo kudlula okewaba nguMengameli waseNamibia

Amazwi enduduzo kudlula okewaba nguMengameli waseNamibia

UCHAZWE njengom-Afrika obethanda izwe lakhe uDkt Sam Shafishuna Nujoma, owaba nguMengameli wokuqala wezwe laseNamibia ngemuva kwenkululeko yalo ngomhlaka 21 kuMarch wango 1990. Udlule emhlabeni esesibhedlela eWindhoek ngoMgqibelo ebusuku. Wakhethwa waba nguMengameli...