Ilanga News
Home 9 Featured 9 Amaphoyisa athungatha izihlobo zowesifazane otholwe edutshuliwe ku-N2

Amaphoyisa athungatha izihlobo zowesifazane otholwe edutshuliwe ku-N2

by | 17 February 2025

AMAPHOYISA aseHibberden KwaZulu Natal acela ukufuniswa izihlobo noma ongaba nolwazi ngowesifazane ongaziwa otholakale eseshonile emgwaqweni onguthelawayeka u-N2 ngase-Ifafa.

Ngokusho kwamaphoyisa lona wesifazane utholakale ngoLwesine mhla ka-13 kuFebruary 2025 enamanxeba okudutshulwa.

Amaphoyisa adalule ukuthi lona wesfazane ubegqoke ibhulukwe eli-brown lendwangu ye-leather nesikibha esimhlophe esibhalwe ukuthi Paris.

Aqhube ngokuthi uyakhanya ngokwebala, uphakathi nendawo ubude futhi unezinwele ezimfishane.

Kunxuswa noma ngubani ongaba nolwazi noma onesihlobo esilahlekile esichazeka ngale ndlela ukuba axhumane noKaputeni Moodley kulezi zinombolo zocingo: 082 339 7842/ 039 699 9811

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...