Ilanga News
Home 9 Featured 9 Amaphoyisa athungatha izihlobo zowesifazane otholwe edutshuliwe ku-N2

Amaphoyisa athungatha izihlobo zowesifazane otholwe edutshuliwe ku-N2

by | 17 February 2025

AMAPHOYISA aseHibberden KwaZulu Natal acela ukufuniswa izihlobo noma ongaba nolwazi ngowesifazane ongaziwa otholakale eseshonile emgwaqweni onguthelawayeka u-N2 ngase-Ifafa.

Ngokusho kwamaphoyisa lona wesifazane utholakale ngoLwesine mhla ka-13 kuFebruary 2025 enamanxeba okudutshulwa.

Amaphoyisa adalule ukuthi lona wesfazane ubegqoke ibhulukwe eli-brown lendwangu ye-leather nesikibha esimhlophe esibhalwe ukuthi Paris.

Aqhube ngokuthi uyakhanya ngokwebala, uphakathi nendawo ubude futhi unezinwele ezimfishane.

Kunxuswa noma ngubani ongaba nolwazi noma onesihlobo esilahlekile esichazeka ngale ndlela ukuba axhumane noKaputeni Moodley kulezi zinombolo zocingo: 082 339 7842/ 039 699 9811

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...