Ilanga News
Home 9 Featured 9 OwaseKZN nowaseGauteng kowokwakha ubumbano emahostela

OwaseKZN nowaseGauteng kowokwakha ubumbano emahostela

by | 24 July 2026

UNDUNANKULU wakwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli noMnyango wezokubusa neziNdaba zoMdabu , bazobe behambe namakhosi ezizwe beyohlangana nezinsizwa emahostela esifundazweni eGauteng.

Umcimbi usehostela eBuyafuthi eGoli kusasa ngoMgqibelo.

Ngokwesitatimende esikhishwe uhulumeni wakwaZulu-Natal, inhloso enkulu yalo mcimbi ngukuthi kwakhiwe ubumbano, uzwano, ukubuyisana, ukulwisana nodlame lobugebengu kubahlali basemahostela.

UNdunankulu uMnu Thami Ntuli uthe kuyogqugquzelwa ubuntu nobunye.

Uthe lomcimbi uzobe uhlanganise amahostela ahlulakahlukene ahlala abantu bakwaZulu-Natal.

Uveze nokuthi kuhloswe ukukhuzwa nezimpi.

Ngakolunye uhlangothi uNdunankulu waseGauteng uMnu Panyaza Lesufi, kuthiwa naye uzobe eyingxenye yalo mcimbi.

Uhulumeni wakwaZulu-Natal uzobe ehamba neNdlunkulu namakhosi.

Ezisematheni

Inkantolo ivune uRamaphosa kolwePhala Phala

Inkantolo ivune uRamaphosa kolwePhala Phala

INKANTOLO eNkulu yaseWestern Cape ngoLwesihlanu, ivune uMengameli Cyril Ramaphosa esicelweni sakhe esiphuthumayo abesifake kuyona ukuthi ikomiti lasePhalamende lingaqhubeki nezinhlelo zokumthathela izinyathelo ngodaba lwePhala Phala. Yize kuphume lesi sinqumo kodwa...

Abukho ubuhlobo phakathi kowoMzansi Magic nowe-SABC 2

Abukho ubuhlobo phakathi kowoMzansi Magic nowe-SABC 2

ABUKHO ubuhlobo emidlalweni kamabonakude enegama elifanayo iStokvel owawukhonjiswa kwi-SABC 2 nalona omusha ozoqala ukukhonjiswa kuMzansi Magic kusukela ngomhla ka-3 kuNcwaba nonyaka. UMzansi Magic umemezele ukuthi uza nomdlalo omusha ozokhonjiswa njalo ngoMsombuluko...