
UQHAKAMBISE ukwehla kwezibalo zobugebengu bokubulawa kwabantu ngaphansi kobuholi bukaLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi, uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu uThami Ntuli.
NgoLwesihlanu uNtuli ubeye eNanda, ukuhambisa umbiko womsebenzi osewenziwe ukulwa nobugebengu kule ndawo. Ubonge ubuholi nomsebenzi kaMkhwanazi noBrigadier Zwelakhe Mkhize, onguMphathi-siteshi waseMaotana, khona eNanda, ngaphansi kweNkosi uMqoqi Ngcobo, ebikhona nayo kulo mcimbi.
Uthi ngesikhathi evakashela okokuqala kule ndawo, izibalo zazikhomba ukuthi kwakubulawa abantu abangaphezu kuka-32 ngesonto, njengoba ngemuva kocwaningo bathole lesi sibalo sesehlele ku-14.
“Isizathu esikhulu sokubiza lo mhlangano, bekuwukuzobonga umphakathi ngeqhaza olibambile nokusebenza kanzima namaphoyisa ekwehliseni izinga lenkohlakalo, ukubulawa kwabantu nobugebengu.
“Yingakho ngathatha isinqumo sokuthi abantu baseNanda ngibahlinzeke ngomahambane-ndlwana wesiteshi samaphoyisa, ukuze umphakathi osezindaweni eziqhelile ukwazi ukubika ubugebengu. Lo mahambanendlwana uhambisana nabakwaHome Affairs, ukuhlinzeka ngomazisi nokunye,” kusho uNtuli.
Uthe kuyiqiniso ukuthi izinga lobugegengu lehlile eNanda.
“Ubugebengu behlile ngendlela emangazayo eNanda. Ngabe kasibenzi ubulungiswa uma singawubongi umphakathi nezinhlaka zikahulumeni, okukhona kuzona nomkhankaso iSafer Cities,” esho.
Phakathi kokunye uNtuli akuvezile, yizinhlelo zokuqinisa ezo-kuphepha emiphakathini ngokufaka amakhamera. Uthe umphakathi waseNanda oyisibonelo esihle kwamanye amalokishi ngenxa yokuthi uzibambele iqhaza ekulwisaneni nobugebengu.
INkosi uMqoqi, isivala umcimbi, inxuse ukuba umphakathi uziqhelelanise nokudla izidakamizwa. Iveze ukuthi indodana yayo ike yangena kulolu gibe, baze bayitholela usizo e-rehab.
*Khonamanjalo, ngalo uLwesihlanu, uNtuli uveze ukuthi ongqongqoshe bekhabhinethi yakhe, uNkk Nomagugu Simelane-Mngadi owengamele ezeMpilo noMnu Sipho Hlomuka, wezeMfundo, abebesolwa ngenkohlakalo, batholwe bemsulwa.







