Ilanga News
Home 9 Featured 9 Amaphoyisa athungatha othinteka odlameni lwamatekisi

Amaphoyisa athungatha othinteka odlameni lwamatekisi

by | 22 May 2025

AMAPHOYISA aKwaZulu Natal aphenya ngamacala odlame lwasematekisini anxusa umphakathi ongaba nolwazi ngokuthola uRichard Zwakushiwo Dlamini ophinde aziwe ngoMasiliva.

Ngokusho kwamaphoyisa uDlamini sekunesikhathi ebaleka kusukela ngoJanuary 2018 ngesikhathi ezama ukubulala usihlalo kasoseshini wamatekisi aseMsinga.

“Ngomhla ka-2 kuJanuary 2010 usihlalo wamatekisi wayesanda kuqeda ukubamba umhlangano nngodaba oluthinta umsebenzi wakhe esezihlalele evenini lakhe ngesikhathi uDlamini nowayehamba naye bemhlasela bamdubula amahlandla.

Usihlalo wasinda kulokhu kuhlaselwa kwabe sekuvulwa icala lokuzama ukubulala,” kuchaza uColonel Robert Netshiunda okhulumela amaphoyisa aKwaZulu Natal.

Uqhube ngokuthi ngokuhamba kwesikhathi owayehamba noDlamini wadutshulwa wabulawa erenki yamatekisi eGoli.

Uveze ukuthi uDlamini unetekisi elihamba phakathi kwaseGoli noMsinga kanti kusolwa ukuthi ubhacile eGoli.

Amaphoyisa anxusa noma ngubani ongaba nobani ongaba nolwazi ngokuthi angatholakala kuphi uDlamini axhumane noWarrant Officer Mbatha kule nombolo yocingo 076 525 1793 noma asebenzise le nombolo yokulwa nobugebengu 08600 10111.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...