Ilanga News
Home 9 Featured 9 Amaphoyisa athungatha othinteka odlameni lwamatekisi

Amaphoyisa athungatha othinteka odlameni lwamatekisi

by | 22 May 2025

AMAPHOYISA aKwaZulu Natal aphenya ngamacala odlame lwasematekisini anxusa umphakathi ongaba nolwazi ngokuthola uRichard Zwakushiwo Dlamini ophinde aziwe ngoMasiliva.

Ngokusho kwamaphoyisa uDlamini sekunesikhathi ebaleka kusukela ngoJanuary 2018 ngesikhathi ezama ukubulala usihlalo kasoseshini wamatekisi aseMsinga.

“Ngomhla ka-2 kuJanuary 2010 usihlalo wamatekisi wayesanda kuqeda ukubamba umhlangano nngodaba oluthinta umsebenzi wakhe esezihlalele evenini lakhe ngesikhathi uDlamini nowayehamba naye bemhlasela bamdubula amahlandla.

Usihlalo wasinda kulokhu kuhlaselwa kwabe sekuvulwa icala lokuzama ukubulala,” kuchaza uColonel Robert Netshiunda okhulumela amaphoyisa aKwaZulu Natal.

Uqhube ngokuthi ngokuhamba kwesikhathi owayehamba noDlamini wadutshulwa wabulawa erenki yamatekisi eGoli.

Uveze ukuthi uDlamini unetekisi elihamba phakathi kwaseGoli noMsinga kanti kusolwa ukuthi ubhacile eGoli.

Amaphoyisa anxusa noma ngubani ongaba nobani ongaba nolwazi ngokuthi angatholakala kuphi uDlamini axhumane noWarrant Officer Mbatha kule nombolo yocingo 076 525 1793 noma asebenzise le nombolo yokulwa nobugebengu 08600 10111.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...