Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Sikhulu isililo ngoTendai Ndoro

Sikhulu isililo ngoTendai Ndoro

by | 19 August 2025

SIKHULU isililo endimeni kanobhutshuzwayo ngokudlula emhlabeni kukaTendai Ndoro (40), wodumo kwi-Orlando Pirates, iHighlands Park ne-Ajax Cape Town.


Lo mgadli udlule emhlabeni izolo ngoMsombuluko, kanti ibingakaziwa imbangela yokufa kwakhe. Kubikwa ukuthi utholakale esethule lapho abehlala khona eGoli.


IPirates idlulise amazwi enduduzo ezihlotsheni nakulabo abebesondelene nalo mdlali.

“Siyi-Orlando Pirates sidlulisa amazwi enduduzo emndenini, kubangani nakubo bonke abebesondelene nalo mdlali, njengoba bebhekene nesikhathi esinzima kangaka,” kusho isitatimende sale kilabhu.

Ingena ilakanyana imiyalezo yokubhonga emswanini ngoNdoro, ikakhulu ezinkundleni zokuxhumana.

UNdolo udlale imidlalo ewu-112 kweziMnyama, newu-14 egijimela izwe lakhe iZimbabwe. Ubeke amakhokho emgibeni ngo-2020, ngenxa yokugula.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...