Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kuzocacisa uphenyo ‘ngabaphendule isikole idepho yamabhasi namaloli’

Kuzocacisa uphenyo ‘ngabaphendule isikole idepho yamabhasi namaloli’

by | 11 March 2026

KUZOCACISA uphenyo lweminyango kahulumeni emibili KwaZulu-Natal, owezeMfundo nowezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, ngokuzokwenzeka eziphathimandleni zesikole esisePhoenix, iHavenpark Secondary, esisolwa ngokuqashisa ingxenye yaso enkampanini ezimele yamabhasi. 

Lesi sikole sigqame ngoLwesine, ngesikhathi uNgqongqoshe we-Misebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, uMnu Martin Meyer, ega-sele kuso kulandela ukuxoshwa kwezithunywa zomnyango ebeziyophenya ngalezi zinsolo. 

Imibiko evezwe ngamalungu omphakathi, iveza ukuthi lesi sikole saqala ngokuqashisela inka-mpani yamabhasi inkundla yezemidlalo ukuba isebenze njengedepho yayo. Athi okwenze alusukumele lolu daba, wukuthi emasontweni ambalwa edlule, kubonakale sekupaka namaloli, amatekisi, kwabekwa ama-container nokunye okuningi kule nkundla. 

Ngokusho kukaMeyer, uthi izi-khalo ebezifika emnyangweni, beziveza ukukhathazeka ngokungabi khona kohlelo oluphasisiwe lokuba kubekwe lezi zinto esikoleni. Uthi okwenziwa yisikole kubeka engcupheni impilo yabafundi nothisha.

“Sibe sesixhumana nomnyango wezemfundo, sathumela izithunywa zethu ngeledlule ukuba ziyokwenza uphenyo olunzulu. Ngeshwa, azikwazanga ukungena emagcekeni esikole, zixoshwe yiziphathimandla zaze zabizelwa amaphoyisa. 

“Kungokokuqala emlandweni wethu ukuba kuvinjwe izithunywa zizokwenza umsebenzi wazo, okushiya imibuzo yokuthi kungani bengavumanga ukuba zingene uma izinto zihamba ngendlela,” esho.

Uthi ukholwa wukuthi uma isikole sifisa ukuqashisa ingxenye yendawo yaso, ingaba yisitolo, yi

sonto nokunye okungeke kubeke impilo yabafundi engcupheni. Uthi bazokwenza uphenyo, ba-hlanganise umbiko bawuthumele emnyangweni wezemfundo. 

Okhulumela uMnyango weMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi uthi nakuba umnyango uzigunyaza izikole ukuba zenze izindlela zokwenza imali, kodwa kumele kube ngeziphephile.

“Inhloko yomnyango iyalele umqondisi wesifunda nomhloli omkhulu ukuba baye kulesi sikole, bayophenya ngokwenzekayo. Ngemuva kophenyo sizokwazi ukuthatha izinyathelo ezinqala uma kutholakale ukuthi kukhona oku-ngahanjiswanga ngendlela,” kusho uMahlambi.   

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...