Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Unikele ngo-R100k exhasa izitshudeni eziswele eMangosuthu

Unikele ngo-R100k exhasa izitshudeni eziswele eMangosuthu

by | 10 December 2025

WELULE isandla, waphosa esikhwameni senyuvesi okuhloswe ngaso ukusiza izitshudeni ezibhekana nezinselelo zokukhokhela izifundo zazo. UMnu Mlamuli Buthelezi ofunde eMangosuthu University of Technology kusukela ngo-1984, ufake umnikelo ka-R100 000 kulesi sikhwama sokufukula abaswele.

UButhelezi owenza iziqu zeMechanical Engineering, uthe kwakuyisifiso sakhe kwakudala ukwelula isandla, ikakhulukazi uma kuthinta izitshudeni.

“Ngiyathemba ukuthi le minikelo ehlanganiswa yinyuvesi, izokwazi ukuhlangabezana nezinkinga ezibhekene nezitshudeni kwezemali,” kusho uButhelezi.

UButhelezi ungumsunguli we-Oak Tree Technologies, okuyinkampani yolwazi elekelela onjiniyela abenza imisebenzi yomphakathi ehlukahlukene. Uveze ukuthi ukuxazululeka kwezinkinga zezitshudeni, yikhona okwenza kunciphe nezinga lokungenzi kahle kwezinye ezifundweni zazo.

“Inhloso yami wukuthi ngisize iMangosuthu ekwakhiweni kwalesi sikhwama ukuze sikhule, silekelele inqwaba yezitshudeni unyaka nonyaka, hhayi kanye bese kuphela kanjalo,” esho.

Ngokusho kwenyuvesi, uButhelezi ulwesekile lolu hlelo nangonyaka ophelile ngomnikelo ka-R66 900. Ithi inyuvesi iyazigqaja ngoxhaso lwakhe olukhula unyaka nonyaka.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...