
AMAQEMBU angenele ukhetho loHulumeni baseKhaya, olungomhla ka-4 kuLwezi (November), asayine imigomo yokuzibophezela ekutheni azokwenza ukhetho lube ngolukhululekile, futhi lungabi nazihibe. Abesayina eMidrand, eGauteng, namuhla ngoLwesithathu.
USihlalo we-Electoral Commission of South Africa (IEC), uMnu Mosotho Moepya, uqale wachazela abaholi abebemele amaqembu nezinhlangano zabo, ukuthi kulindeleke ukuthi baziphathe kanjani, nokuthi yiziphi izinto okufanele bazigweme.
“Lukhulu lolu khetho esiya kulo ngoba bangu-136 790 abantu abazobanga izikhundla, abafuna ukuvotelwa babengamakhansela. Zingu-10 526, izihlalo ezikhona emawadini ezweni lonke. Njengesikhungo esibhekele ukuhambisa kahle ukhetho, sizosebenza nabaholi besenkolo, abaholi bondabu nabezindaba ukuze ukhetho luhambe ngendlela. Ukwesabisa abezindaba, izintatheli, kuyicala ngoba ukubuza imibuzo kuyilungelo labo, ngoba kuyigxenye yomsebenzi abawenzayo,” esho.
UJudge Dhaya Pillay nguyena ofunde imigomo abaholi obekufanele basayine. Umholi we-ActionSA, uMnu Herman Mashaba, nguyena obe ngowokuqala ukusayina, kwalandela uMfundisi Kenneth Meshoe, we-African Christian Democratic Party (ACDP).
UNobhala-Jikelele we-African National Congress (ANC), uMnu Fikile Mbalula, uMholi weDA Federal Council, uMnu Solly Msimang, uNobhala-Jikelele, we-Economic Freedom Party (EFF), uMnu Marshal Dlamini, iPhini likaNobhala-Jikelele weNkatha Freedom Party (IFP), uMnu Albert Mncwango, uMnu Fidel Adams, weNational Coloured Congress (NCC), bangabanye abaholi, abasayinile egameni lamaqembu abo.
UMengameli woMkhonto weSizwe Party (MKP), ubezifikele mathupha, wakhumbuza abebekhona ngokubaluleka kokhetho, nokubekezelelana.







