Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 OweBlaq Diamond uqinisekisa ubumbano

OweBlaq Diamond uqinisekisa ubumbano

by | 29 August 2025

LISABUMBENE iqembu lomculo iBlaq Diamond, yize amalungu alo, uDanya Devs noNdu Brown ebephumele obala ngokwethula izingoma zawo ngokuzimela. 

Ukubumbana kwaleli qembu kuqinisekiswe nguNdu osezinhlelweni zokukhipha  ingoma yakhe ethi “Ubuhle Bakho”, njengoba kuqala uSeptember. Le ngoma ididiyelwe ngumdidiyeli wase-UK, uMulak, kanti upike iqembu lesicathamisa, iBergville Greenlovers.

 Ekhuluma neLANGA Lempelasonto, uthe le ngoma isikulungele ukuphumela ebantwini ngokusemthethweni, kodwa ufisa ukuyidedela ngomhla ka-12 kuSeptember, okuwusuku lwakhe lokuzalwa.

“Ngifisa ukuba iphume ngosuku engazalwa ngalo ngoba isho lukhulu kimina, futhi ngiyafisa nabantu bayithakasele, sigubhe nabo ukuphuma kwayo nosuku lwami olubalulekile,” kusho uNdu, ogama lakhe langempela nguNdumiso Mdletshe.

Uthe ukukhipha ngokuzimela yinto obesekunesikhathi eyidingida nozakwabo, uDanya Devs, ogama lakhe langempela nguSphelele Dunywa. Kuzokhumbuleka ukuthi uDanya ube ngowokuqala ukukhipha owakhe umsebenzi ezimele.  Unezingoma okubalwa kuzo ethi  “Asambe”, “Family Anthem” ne-1 Million.

UNdu uthe sekuyisikhathi sakhe naye ukuthi azwe amanzi ngobhoko ngokuzimela.

Uthe njengoba ezokhipha le ngoma ngosuku lwakhe lokuzalwa, uzimisele ukukhipha i-albhamu ngasekuqaleni konyaka ozayo.

 “Ngizimisele ukukhipha i-albhamu engizoyibiza ngokuthi ‘Isoka Lamanyala’,” kusho yena.

Uthe ukuzimela kwabo emculweni akusho ukuphela kweqembu, lisabumbene, futhi nakuzona izingoma abazenza ngabodwana, bayasizana.

“Zizoba khona izingoma esizozenza ndawonye nakuwona ama-albhamu ethu, ukukhombisa abantu ukuthi sisahlangene futhi kasiyindawo njengeBlaq Diamond,” esho.

IBlaq Diamond ike yaba sematheni ngesikhathi iphuma enkampanini ebiqopha ngaphansi kwayo phambilini, i-Ambitiouz Entertainment. Kule nkampani kayiphumanga kahle, iphume ngenxa yokungagculiseki ngendlela ebiphethwe ngayo.

UNdu uthe kusukela bephumile kule nkampani, zikhona izingqinamba kodwa sebekwazile ukukhiqiza abanye abaculi ngaphansi kwabo, okubalwa kubo uMawelele osematheni kulezi zinsuku ngezingoma zakhe ezithandwa kakhulu yintsha.

Uphethe ngokuveza ukuthi uzoqhamuka nesitayela esihlukile kunesijwayelekile uma esezimele.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...