Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ikhwelo ekuvikelweni kwabesifazane

Ikhwelo ekuvikelweni kwabesifazane

by | 21 February 2025

KUHLONYISWE izintombi nto ngolwazi ngesikhathi kunembizo yazo kulandela ukunukubezwa kwenye yazo ngenyaga eyedlule ngumelaphi wendabuko obeyelapha. Kulo mcimbi obuKwaMpumuza, eMgungundlovu ngoMgqibelo bekumenywe izinhlaka ezahlukene okubalwa amaphoyisa, abezempilo, abelaphi bendabuko kanjalo noNomehlo.


UMnu Sphesihle Khumalo onguNobhala kwiNhlangano yaBelaphi beNdabuko eKZN, ukhale ngabelaphi bendabuko abengenabo ubuntu. “Kubuhlungu ukuthi sihlangene ngomunye wozakwethu odicilela phansi umsebenzi, owenze isihluku sokudlwengula ingane abeyelapha. Sifisa ukwelula isandla ezintombini ngenhloso yokubonga ukuziphatha kahle, kusukela manje siyazinikela ekukhokheleni imigonqo yazo (camps) nakusizeni ngemali yokugibela nasekufakeni isandla kwezemfundo,” esho.


UNkk Anti Ngipheni Ngcobo (73) oyintombi nto, odabuka KwaMafunza, Mgungundlovu ozishaya isifuba ngokuthi useyintombi nto futhi uhlolwa nyanga zonke ubeyingxenye yalo mcimbi naye. Uncome ukusukumela phezulu lolu daba, wenxusa ukuba izintombi nto zivikelwe.

“Izintombi nto yizo ezongengcwaba mhla ngidlula emhlabeni, ngiyazithanda futhi ngiyazehlonipha ngokuziphatha kahle. Intombi, kufanele iziphathe kahle ukuze kungathiwa imithi njengenja, kungathiwa izele njengenja. Ngakho-ke zintombi ziphatheni kahle,”esho.


UNdlunkulu seSizwe saKwaMpumuza, uNkk Mbaliyomusa Zondi uncome inhlangano yabesifazane iZamokuhle Women’s Program ngokuba nesandla ekusizeni isisulu nasekutholeni obenukubeza.


“Kubuhlungu okwenzeke enganeni nobulwane kubantu besilisa ikakhulu umuntu othenjwayo emphakathini ongumelaphi wendabuko. Ingane ilimele emqondweni ngokuyehlele, kufana nokuthi ife iphila, emzimbeni nekusasa layo. Kuyichilo esikuzwe kule ndawo ukuthi umelaphi adlwengule isiguli, sifisa ukunxenxa amadoda abe yingxenye yokulwa nalesi sihlava. Sinxusa isizwe sonke samaMpumuza ukuba sisukume sivikele ukuhlukumezeka kwabesifazane, nabo abesifazane sifisa basondele emaphoyiseni nakwezempilo babike. Namuhla sizolwela odadewethu abangakwazi ukuzilwela, sethembisa ukusiza ngayo yonke indlela siwubukhosi bakwaMpumuza ukulwa nalesi sihlava,” kuphetha yena.

Ezisematheni

Amaphoyisa aphenye umuzi kaMchunu athatha neselula

Amaphoyisa aphenye umuzi kaMchunu athatha neselula

UPHIKO lwamaphoyisa iProvincial and Crime Unit lugasele emzimi kangqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe, uMnu Senzo Mchunu lwayophenya umuzi wakhe okwaZulu-Natal kwathathwa nomakhalekhukhwini. Amaphoyisa kuthiwa afike nencwadi egunyaza ukuthi kuseshwe umuzi wakhe ayinikwe...

Ubonga i-IFP esukumele phezulu olaxaze i-ANC

Ubonga i-IFP esukumele phezulu olaxaze i-ANC

OBEHAMBA phambili ekhankasela i-ANC, uChwaite Songca osejoyine i-IFP, uthi kuqala ngaleli qembu ukuthi kuxhaswe umcimbi wakhe iSouth Beach Young Stars Tornament ahlose ngayo ukusiza intsha ukuthi ingangeni ezidakamizweni. UChwaite ukusho lokhu njengoba...

Awepolitiki anxuswe ukugcizelela eyokhetho olunokuthula

Awepolitiki anxuswe ukugcizelela eyokhetho olunokuthula

UKUVUTHWA nokubekezelelana kwipolitiki uthe yikhona okuzodala uzinzo uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamnsanqa Ntuli ngesikhathi ehlangene namaqembu epolitiki ehlukene nabengamele ukhetho i-Independent Electoral Commission (IEC), e-Archie Gumede Conference Centre,...