Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ibhola 9 AmaZulu asophe ukuhlikihla usawoti esilondeni seSundowns

AmaZulu asophe ukuhlikihla usawoti esilondeni seSundowns

by | 12 August 2025

NGUMDLALI woSuthu uMlondi Mbanjwa.


AMAZULU FC athembisa ukuhlikihla usawoti esilondeni seMamelodi Sundowns esibhibhayo uma la makilabhu esebhekene koweBetway Premiership namuhla ngoLwesibili ngo-19h30 eLoftus Stadium, ePitoli.

USuthu luya kulo mdlalo nje, luhambela phezulu njengoba luyivule kahle imidlalo yeligi lwehlula ngo-1-0 omakoti beligi i-Orbit College ngoMgqibelo KwaMashu. IDowns iyivule kabi njengoba ibambane ngo-1-1 neChippa United eGqeberha.

Ukuvula kweDowns ngale ndlela kufana nokuthi ishaye udaka njengoba ivamise ukuvula ngokudedela isibhaxu imidlalo ilandelana.

UMlondi Mbanjwa odlala esiswini oSuthwini, uthi kayikho enye into abayiyela ePitoli ngaphandle kwamaphuzu amathathu.

“Umdlalo wethu neSundowns ngeke ube lula njengoba belahle amaphuzu emdlalweni wabo odlule. Bazofuna ukuthatha amaphuzu agcwele kithina, kodwa nathi siya kubona sigcwele ukuzethemba ngoba sehlule i-Orbit.

“Siya kulo mdlalo weSundowns ngenhloso yokuqhubeka lapho sigcine khona, siyolanda iwini sibuye namaphuzu amathathu,” esho.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...