Ilanga News
Home 9 Ezemali 9 IPhalamende lamukele iziphakamiso zebhajethi kaGodongwana

IPhalamende lamukele iziphakamiso zebhajethi kaGodongwana

by | 11 June 2025


ZIPHASISIWE ePhalamende ngoLwesithathu iziphakamiso ezihambisana nesabelomali sanonyaka esethulwe nguMnu Enoch Godongwana onguNgqongqoshe wezeMali, ngomhla ka-21 ngoMeyi.

Kulezo ziphakamiso ezikulesi sabelomali, kukhona nendaba yokwenyuswa kwentela yemikhiqizo kawoyela njengophethiloli, okuyiyona esuse ukukhuluma. Amanye amaqembu aphikisayo aweneme ngokwenyuswa kwale ntela.

Amalungu angu-268 ephalamende azemukele lezi ziphakamiso zohlaka lokuphathwa nokusetshenziswa kwemali kuhulumeni kanye neziphakamiso zokwandisa imali engenayo kuhulumeni, kwathi angu-88 azichitha.

I-EFF kanye neMKP yiwona maqembu angazemukelanga lezi ziphakamiso zikaGodongwana.

Kuzokhumbuleka ukuthi i-EFF ize yayofaka isicelo eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape ifuna kuchithwe indaba yokwenyuswa kwale ntela. Ngeshwa layo i-EFF inkantolo isichithile leso sicelo.

UNkz Omphile Maotwe ukubeke kwacaca ukuthi abavumelani nokwenyuswa kwentela yemikhiqizo kawoyela njengophethiloli, wathi le ntela izokhinyabeza abathengi.

Nakuba i-UDM igcine ivote yazemukela iziphakamiso kodwa uMnu Nqabayomzi Kwankwa oyilungu le-UDM ephalamende wexwayise ngokuthi lokhu kwenyuswa kwentela yemikhiqizo kawoyela kubi okwedlula iVAT okwakukhalwe ngayo kwisabelo esedlule.

Lesi sabelomali ebesidingidwa namhlanje ngesonyaka u-2025/2026, okuvamise ukuba sethulwe ngoNhlolanja (February) kodwa sabhuntsha emuva kokushayisana kwamaqembu ayingxenye kahulumeni wobumbano, ebanga isiphakamiso sokwenyuswa kweVAT. Saphinda sethulwa ngoNdasa (March) kwaqubuka omunye umsindo ngayo indaba ye-VAT, njengoba sigcina sesethulwa okwesithathu.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...