Ilanga News
Home 9 Ezemali 9 IPhalamende lamukele iziphakamiso zebhajethi kaGodongwana

IPhalamende lamukele iziphakamiso zebhajethi kaGodongwana

by | 11 June 2025


ZIPHASISIWE ePhalamende ngoLwesithathu iziphakamiso ezihambisana nesabelomali sanonyaka esethulwe nguMnu Enoch Godongwana onguNgqongqoshe wezeMali, ngomhla ka-21 ngoMeyi.

Kulezo ziphakamiso ezikulesi sabelomali, kukhona nendaba yokwenyuswa kwentela yemikhiqizo kawoyela njengophethiloli, okuyiyona esuse ukukhuluma. Amanye amaqembu aphikisayo aweneme ngokwenyuswa kwale ntela.

Amalungu angu-268 ephalamende azemukele lezi ziphakamiso zohlaka lokuphathwa nokusetshenziswa kwemali kuhulumeni kanye neziphakamiso zokwandisa imali engenayo kuhulumeni, kwathi angu-88 azichitha.

I-EFF kanye neMKP yiwona maqembu angazemukelanga lezi ziphakamiso zikaGodongwana.

Kuzokhumbuleka ukuthi i-EFF ize yayofaka isicelo eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape ifuna kuchithwe indaba yokwenyuswa kwale ntela. Ngeshwa layo i-EFF inkantolo isichithile leso sicelo.

UNkz Omphile Maotwe ukubeke kwacaca ukuthi abavumelani nokwenyuswa kwentela yemikhiqizo kawoyela njengophethiloli, wathi le ntela izokhinyabeza abathengi.

Nakuba i-UDM igcine ivote yazemukela iziphakamiso kodwa uMnu Nqabayomzi Kwankwa oyilungu le-UDM ephalamende wexwayise ngokuthi lokhu kwenyuswa kwentela yemikhiqizo kawoyela kubi okwedlula iVAT okwakukhalwe ngayo kwisabelo esedlule.

Lesi sabelomali ebesidingidwa namhlanje ngesonyaka u-2025/2026, okuvamise ukuba sethulwe ngoNhlolanja (February) kodwa sabhuntsha emuva kokushayisana kwamaqembu ayingxenye kahulumeni wobumbano, ebanga isiphakamiso sokwenyuswa kweVAT. Saphinda sethulwa ngoNdasa (March) kwaqubuka omunye umsindo ngayo indaba ye-VAT, njengoba sigcina sesethulwa okwesithathu.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...