NGOSIBA LUKA:REV MKHEKHELEZI
BAKWETHU ningangizwa kabi, ngicela incazelo njengesakhamuzi saseNingizimu Afrika. Ngiyacela ontangayethu laba be-ANC abathi babesekudingisweni bake bangihlebele ukuthi kanti babathembisani abafowethu bakwamanye amazwe, ikakhulukazi ase-Afrika. Ningihlebele bakwethu nokuthi bona baninikani, noma kukhona yini abasaninika khona ngoba sekuyacaca phela manje ukuthi laba bakithi e-Afrika nabatshela ukuthi iNingizimu Afrika yisango lasezulwini, yinina eniphethe okhiye, bona baninika unemenayidi lo okhonzwe ngamaphoyisa omgwaqo.
Futhi uma ningangihlebeli, ngizoziphethela ngokuthi kusho ukuthi baphethe amafayela enu, nesaba ukuthi uma beke bawadedela, kuyosuza i-octopus noma niphakelwa yibona – nidla amadayimane akoDRC nehlise ngo-oyela bakoLibya.
Kanginanxa nama-international – sengisho abantu bokufika – ngiwathanda kabi kwazise ngingumzukulu weShangane lakwaManyike, eMozambique elahlala kuleli laze lafela khona ngingakaze ngiwubone u-dompass walo waseNingizimu Afrika. Inkinga wukuthi manje ama-international asengena sengathi ngabalandeli beMamelodi Sundowns kungenwa mahhala enkundleni.
Akhona bandla azisebenzelayo, kodwa iningi lingena lizokwenza imikhuba, bazithulele nje onkabi kuhulumeni, kuthi mhla sebebona abantu bakuleli beqala bethimula umlilo njengenkanyamba, kube yima beveteza iziNgisi abazibhalelwayo, bethi: “We are going to investigate.” Kuyokwenziwani e-investigate bakwethu, engabe nilungisa inkinga?” Kuyoyiwa e-investigate lapho-ke kuze kuvuthwe amatshe, inkinga ize izidamukele yona.
ONokudingiswa noMdingiseni bansondo laba, bathula sengathi ngama-hostage ekhonjwe yizigebengu ngezibhamu ebhenki, baze banyakaze sekuphele i-movie ya-seNollywood – into ongayibuka usuka eThekwini uze uyofika eGoli ingapheli.
Yaqala nini le nto yokudlula emhlabeni kwezingane ngenxa yokudla izinto ezizithenge ezitolo zama-international? Unyakaze nini umengameli wethu? Ozamazama laba abagcwele ezimayini esezavalwa – iningi labo okungabokufika – baqala nini? Uyazi nomuntu ofuna ukususa i-civil war kuleli zwe usengazihlanganisela amaphara nje awu-11, zishe, izikhulu zinyakaze ngoba nakhu sesibaleka sithi siyobhaca eRobben Island. Kuyacaca nje ukuthi abafowethu laba abangena bethi bazophatha izwe eminyakeni ewu-30 edlule, babecabanga ukuthi ukuphatha izwe yiskeshi, i-stage play ngolimi lo-Edmund Mhlongo noJerry Pooe laphaya koThe Playhouse Theatre, eThekwini.

Ngithuke ulimi lwaphathwa ngamajaqamba ngizwa kuthiwa sekutholakala namaphilisi kuma-chips lawa athandwa yizingane – athengiswa ezitolo zoFubumba Ringura noMjomba. Kuthiwa enye ingane iwadlile lawo ma-chips enephilisi enjalo, yagula.
Zizofa ziphele izingane zethu uhulumeni wethu ulibele wukufunda i-script sesikeshi, sivuke ngelinye ilanga – eminyakeni embalwa ezayo – siphethwe nguMengameli u-Omodidante Sithembiso Nwachukwu ozalwa yingane kaDlamini, imzala kuGodsaid Emeka Nwachukwu wase-Azungene-Umumba-Ndiagu, e-Enugu, eNigeria. Leli lizwe selifana nomfula welali – eyazibonelwa ngamaXhosa esho isigodi (valley) – noma ngubani ufika nesipakupaku acakule, ashobingele phakathi uma ethanda noma ajikijele imbokodo yetshe lentaba enama-ingredients omnkwankwa nomdu-mbula.
Nazi nezimbongolo nezinja ezazibonelwa nguKhuzani Mpungose ecula, nazo ziyaxova khona lapha eMany-Cannibals Afrika River. Hlambulukani maQabane kaTambo, nathini kubafowethu bakwamanye amazwe ase-Afrika? Bona baninika ini? Benjalo nje, baziphathisa okwentombi eyathenjiswa umshado emuva kwalokho yaliwa, kwathathwa enye.
“Angiyi ndawo, wena wathi kimi singuZuma ne-ANC, siyohlukaniswa wukufa, manje sesihlukaniswa yile nto yakwaKhumalo, uMakhosi Khumalo, into efike izolo! Uyazi wena udlala ngokugeja kuziliwe – uyayazi imihlola! Sizilile wena uyageja!” Isho into yakhona ishaye lolu hleko oluvele lube yimbijana, ikhumule isale ngomamhlongo, ingene embhedeni ekhona uMK – bagcine bempi-ntshene kwi-single bed bobathathu. Thina esihlala nawo ama-international, asho kahle athi kabayi ndawo – kodwa bandla abakomalume, eMozambique kabayisho leyo nto, bayazihloniphela.
Hhayi ukuthi ngiyabholofida bakwethu, kodwa sesiseduze isikhathi sokuthi siphenduke izimba ngokuphelele ezweni lethu ngenxa yalo hulumeni wenu onamalimi namangongwane. Uyabona nje ukube amalimi namangongwane kwakuyisigwebo sasenkantolo kulo hulumeni wethu, ngabe kwathiwa: “I sentence you to stuttering and seizure – but you are going to serve them concurrently.” Bese esho utolika: “Ngikugweba ukuthi ube namalimi namangongwane – lezi zigwebo uzozidonsa njengesigwebo esisodwa.”
Noma-ke sesinohulumeni weGNU – inunu eyabonwa yileli jaji elaxoshwa ebujajini lavumbuka ndawana thile, angisalikhumbuli igama lalo – isadlobile inkinga yamalimi namangongwane. Mina ngiyabazi abantu abathelela abanye ngamalimi – yilaba engesabayo ukuthi bangodingiswayo ngoba uDingiswayo kwakuyinkosi yakoNyambose. Sekwathutheleka nabakoBangladesh nabakoPakistan – nabo abafika nayo yonke inyovademu le. Isimo uhulumeni wethu osifake kuso, senza zicace bha izinkomba zokuthi uma kukhona izwe elifuna ukuqeda ngeNingizimu Afrika, lokho lingakwenza ngokuphazima kweso.
Hikhensile ngopfu ma-Afrika!







