Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Amisiwe amathenda okuthutha izingane zesikole

Amisiwe amathenda okuthutha izingane zesikole

by | 26 August 2025

UNGQONGQOSHE wezeMali KwaZulu-Natal, uMnu Franscios Rodgers, useyalele uMnyango wezokuThutha esifundazweni ukuthi umise wonke amathenda okuthutha izingane zesikole.

Ukusho lokhu esithangaminsi sabezindaba ebesiseThekwini, ngoba ethi kusenophenyo oluqhubekayo ngenkohlakalo ebikwayo ngalolu hlelo lokhishwa kwamathenda, okuthiwa yenziwa yizikhulu zomnyango.

“Bangu-700 000 abafundi abathuthwayo ngalolu hlelo, izikole zingu-400, kanti umnyango unesabelomali sika-R340 million, ukubhekela ukuthuthwa kwabafundi,” kusho uMnu Rodggers.

Kube nezikhalo zokuthi abanye abathola amathenda okuthutha izingane zesikole, izimoto zabo kaziholwa ukuthi zisesimweni esifanele yini, ngoba izikhulu ezikhipha amathenda zisuke zigwazelwe.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...