Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Amisiwe amathenda okuthutha izingane zesikole

Amisiwe amathenda okuthutha izingane zesikole

by | 26 August 2025

UNGQONGQOSHE wezeMali KwaZulu-Natal, uMnu Franscios Rodgers, useyalele uMnyango wezokuThutha esifundazweni ukuthi umise wonke amathenda okuthutha izingane zesikole.

Ukusho lokhu esithangaminsi sabezindaba ebesiseThekwini, ngoba ethi kusenophenyo oluqhubekayo ngenkohlakalo ebikwayo ngalolu hlelo lokhishwa kwamathenda, okuthiwa yenziwa yizikhulu zomnyango.

“Bangu-700 000 abafundi abathuthwayo ngalolu hlelo, izikole zingu-400, kanti umnyango unesabelomali sika-R340 million, ukubhekela ukuthuthwa kwabafundi,” kusho uMnu Rodggers.

Kube nezikhalo zokuthi abanye abathola amathenda okuthutha izingane zesikole, izimoto zabo kaziholwa ukuthi zisesimweni esifanele yini, ngoba izikhulu ezikhipha amathenda zisuke zigwazelwe.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...