Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Baxakwa eyokungamukelwa kwezicelo zothisa abafuna ukuya empeshienini eKZN

Baxakwa eyokungamukelwa kwezicelo zothisa abafuna ukuya empeshienini eKZN

by | 11 March 2026

SITHUKUTHELISE abaningi isinqumo soMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, sokungazemukeli izicelo zothisha abaphakathi kweminyaka ewu-55 kuya ku-59, abafisa ukusheshe bathathe umhlalaphansi ngokugunyazwa wumthetho woMnyango weziSebenzi zikahulumeni, owaphakanyiswa yiPhalamende ngo-2024. 

Lesi sinqumo somnyango sikhishwe ngesaziso yiNhloko yoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Nkosinathi Ngcobo, ngeledlule. Kulesi saziso uNgcobo ubalule izizathu zemali njengembangela yokungemukelwa kwalezi zicelo.

Ngesikhathi kuphasiswa lo mthetho, kwavela ukuthi izindleko eziningi zezisebenzi zikahulumeni ezisheshe zithathe umhlalaphansi, zizothwalwa yiHhovisi likaMgcinimafa. Kwabikwa ukuthi inhloso enkulu yalo wukonga imali eminyangweni kahulumeni, kuvulwe nezikhala kuqashwe abantu abasha ngamanani aphansi (first level entry salary)

Ngesikhathi uMgcinimafa kuzwelonke uMnu Enoch Godongwana ethula isabelomali salonyaka, waveza ukuthi uhlelo lwabathatha imihlalaphansi isikhathi singakafika, ulabele u-R3.7 billion, ozosiza izisebenzi eziwu-8000. Kwabelwa izifundazwe u-R340 million ukuba zabelane, ukweseka lolu hlelo lokuthatha imihlalaphansi isikhathi singakafiki. 

Esazisweni esikhishwe wumnyango eKZN, uNgcobo uthi bayakuqonda ukuthi izindleko eziningi zithwalwa yihhovisi likamgcinimafa, kodwa ezinye zezindleko zithwa-lwa wumnyango esifundazweni. 

“Ngenxa yezinkinga zemali umnyango obhekene nazo okwamanje, ngeke sikwazi ukwemukela izicelo,” kusho uNgcobo.

Okhulumela uMnyango weMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe umnyango usaxoxisana nezinhlaka ezifanele ukuzama ukuxazulula lolu daba.

“Kasisho ukuthi lezi zicelo ngeke sizemukele, kodwa sithi okwamanje amandla okuzemukela kasinawo ngenxa yokuthi sithole izicelo eziningi, phezu kwezinkinga zemali esinazo. Izindleko zalolu hlelo ezithwalwa wumnyango singabala amabhonasi esevisi, eyekhefu elingakathathwa (capped leave and unused annual leave) nokunye okuningi. Uma sesiphothule izingxoxo esinazo nezinhlaka ezifanele, sizokwazi ukuqhubekela phambili nohlelo,” kusho uMahlambi.

Izinyunyana zothisha iSouth African Democratic Teachers Union (Sadtu) neNational Teachers Union (Natu) zithi kazitshelwanga lutho ngalesi sinqumo. 

UNobhala-jikelele weNatu uMnu Mathemba Mabija uthi lolu daba bayalusukumela.

“Nathi sibone sesibona isaziso, akukho ebesikwazi ngalesi sinqumo. Okusixaka kakhulu wukuthi kungani kuyiKZN yodwa enalenkinga, ngoba uhlelo luphethwe yihhovisi likamgcinimafa kuzwelonke. 

“Phezu kwalokho, loluhlelo luzolekelela enkingeni yokushoda kwemali emnyangweni. Uma izicelo zingagunyazwa, kusho ukuthi le nkinga okuliwa nayo isazoqhubeka eKZN,” esho. 

UNkz Nomarashiya Caluza, onguNobhala weSadtu eKZN, uthi bacele umhlangano nomnyango. 

“Akukho okukhulunywe nathi, sibone ngesaziso. Sikholwa wukuthi umnyango kumele uhambise izinto ngendlela njengoba loluhlelo kungolukazwelonke. Akukwazi ukuthi umnyango eKZN ungaphatha izisebenzi ngalendlela ekubeni ezinye izifunda-zwe zihambisa izinto ngomthetho obekiwe,” esho. 

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...