Isikhungo esisha sivuse ithemba ngokuthuthuka kwentsha yasemakhaya

184

LUCKY CAIN

KULINDELEKE ukuba sibe neqhaza elimqoka emphakathini isikhungo sokuqeqesha nokucobelela intsha ngolwazi lwemikhakha eyahlukene, iNgwavuma Skills Development Centre, esakhiwe ngabeConstruction Education and Training Authority (CETA). 

Lesi sikhungo esiseNgwavuma – okuyidolobha elisemngceleni weKwaZulu-Natal neSwazini – sethulwe ngokusemthethweni namuhla ngoLwesithathu emcimbini obuhanjelwe yizicukuthwane zamazinga ahlukene, okuhlanganisa nezikhulu zikahulumeni. Kubhekwe ukuba sibe namathuluzi amqoka okuthuthukisa intsha kuleli dolobha namaphethelo kwazise siyingxenye ye-Umfolozi TEVT College, eRichards Bay. 

 KWESOKUNXELE nguMnu Mendoza Shezi oyisekela likasihlalo weNafcoc eThekwini noMnu Melusi Shezi oyisikhulu esiphezulu kwaCETA.

Isikhulu esiphezulu sakwaCETA, uMnu Malusi Shezi, sithe lesi sikhungo sakhiwe ngenhloso yokubhekana nezingqinamba ezikhungethe imiphakathi yasemakhaya. Uqhube ngokuthi kubalulekile ukuba intsha yasezindaweni zasemakhaya ikwazi ukuthola izikhungo ezifuze lesi ukuze iqeqesheke ngemikhakha ezoyithuthukisa. “Sibonga Inkosi Lubelo II, yesizwe sakwaMngomezulu ngokuseseka ngesikhathi kwakhiwa lesi sikhungo,” kusho yena. 

Uthe baqala ukuzibophezela ukwakha lesi sikhungo kusukela ngo-2011. Kuvele ukuthi ngesikhathi bezibophezela ukwakha lesi sikhungo, babehlele ibhajethi ka-R9.5 million, kodwa sagcina sidla imali elinganiselwa ku-R20 million. Lesi sikhungo sizosebenzisana nomasipala okubalwa kubo uMkhanyakude neZululand. I-CETA ingaphansi kweSector Education and Training Authority, okuwuhlaka olubhekela ukuqeqesha nokucathulisa abantu ngemikhakha eyahlukene eNingizimu Afrika. Yona igxile kwezokuthuthukisa nokwakha ingqalasizinda. 

Previous articleI-IFP inethemba ngobuholi bemeya entsha eNdumeni
Next article21 November 2024