Ilanga News
Home 9 Featured 9 Angaphandle kweGNU ashaya amakhala ‘ngesaphulelo sikaphethiloli nodizili’

Angaphandle kweGNU ashaya amakhala ‘ngesaphulelo sikaphethiloli nodizili’

by | 22 October 2026

AMAQEMBU angaphandle kukahulumeni wenhlanganisela (GNU) eNingizimu Afrika, iMK Party ne-EFF, ashaya amakhala ngosuku lwangomhla ka-4 kuLwezi (November), okumele kuqale ngalo isaphulelo sikaphethiloli nodizili, okumenyezelwe nguNgqongqoshe wezeMali, uMnu Enoch Godongwana, ngesikhathi ethula isabelomali saphakathi nonyaka ngoLwesithathu.

Amaqembu ayingxenye yalo hulumeni wenhlanganisela, isiishayele ihlombe isabelomali sikaGodongwana esihambisane nokumenyezelwa kwesaphulelo sika-R3.50 elitheni kudizili, no-R1.50 elitheni likaphethiloli.
Uthe lesi saphulelo sizoqala ngomhla ka-4 kuLwezi kophezulu, okuwusuku lokuvotelwa kohulumeni basekhaya size sixegiswe ngomhla ka-1 kuZibandlela (Dece- mber) kophezulu.

Ilungu leMK Party ePhalamende, uMnu Kwenza Madlala, uthi akukho okuthembisayo ngale nkulumo kaGodongwana, kunalokho ikhombisa ngokusobala ukuthi uhulumeni usaqhubeka nokufaka abantu baseNingizimu Afrika ehlathini.
Uthi ukumemezela kukangqongqoshe ukuthi isaphulelo sizoqala ngomhla ka-4 kuLwezi, kusayikhona ukudlala ngabantu bakuleli, bebaholela ophathe.

Ngokusho kwakhe, uthi iqiniso lisamile ekutheni isimo somnotho eNingizimu Afrika sisemanzonzo, umnotho usaqhubeka nokukhula ngonyawo lonwabu. Ilungu le-EFF, uMnu Sinawo Tambo, uthi ungqongqoshe usebenzisa amandla akhe ngendlela engalungile, ngoba konke kusemandleni akhe ukufaka isaphulelo, kanjalo nokuvumela ukunyuka kukaphethiloli.

Uthi lokhu kwenza ungqongqoshe akwazi ukudlala ngabantu kalula, njengoba kuza ukhetho, okuzothi uma seludlulile ukhetho, aphinde abuyisele abantu bakuleli ogibeni lokumba eqolo kukaphethiloli. Uthi beyi-EFF kabakuboni ukwephulela abantu ngesaphulelo sezinyanga ezimbili kuzokwenza umehluko, ngoba ngemuva kwalokhu ngoMasingana lapho kuzobe sekunzima kakhulu, umthwalo uzobuyela emahlombe abo.

Amanye amaqembu okubalwa kuwona iDA, i-IFP, i-UDM, i-ACDP ayishayele ihlombe inkulumo kangqongqoshe, ancoma nangokubekwa kwenkece yokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.

UMnu Nhlanhla Radebe we-IFP, uthi okubajabulisayo wukuthi le nkulumo ikwazile ukuthinta ukusetshenziswa kwemali komasipala nokuqashwa kosonhlalakahle abawu-3 500.

UMnu Steve Swart we-ACDP uthe bebengajabula ukuthi lesi saphulelo besizoqhubeka noma izinyanga eziyisithupha.

Ezisematheni

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

INKAMPANI kahulumeni ephethe amachweba nezitimela eNingizimu Afrika  iTransnet  idalule ukuthi noma iyisizinda somnotho kuleli kodwa ibingakaze izinike isikhathi sokuthi iqinisekise ukuthi ekwenzayo kufinyelela ngendlela kubantu. Lokhu kuvele ngesikhathi...

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) uchithe esikhundleni unobhala jikelele weqembu, uMnu Sibonelo Nomvalo wafaka, uNkz Lindiwe Mtshali esikhundleni sakhe. Izinguquko zenzeke emva kophenyo lwangaphakathi oluveza ukuthi uNomvalo kukhona izinto angazihambisi kahle eqenjini...

“Uma ningavoti azobuya amasela”

“Uma ningavoti azobuya amasela”

UMHOLI nomsunguli weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma uthi abantu abaphume ngobuningi babo, bayovota ngoLwesithathu, lomhlaka 4 kuLwezi (November). Uthi, uma abantu bengavoti, amasela nezikhohlakali, bazoqhubeka babesemandleni. Amalungu eMarch and March,...