Ilanga News
Home 9 Featured 9 Angase athwale kanzima e-USA uJonas oqokelwe esikhundleni esimqoka

Angase athwale kanzima e-USA uJonas oqokelwe esikhundleni esimqoka

by | 15 April 2025

ANGASE angase angakutholi ukwamukeleka ngezandla ezimhlophe e-United States of America uMcebisi Jonas oqokwe nguMengameli Cyril Ramaphosa ukuba abe yisithunywa esiyisipesheli kuleli yazwe.

Ngokubika kwe-EWN lokhu kulandela inkulumo ayenza ngesikhathi ethula isifundo ngoMnu Ahmed Kathrada ngo-2020 lapho achaza khona umengameli wase-USA njengonobandlululo futhi ocwasa abathandana nobulili obufanayo.

NgoMsombuluko uRamaphosa umethule njengesinye sezithunywa eziyisipesheli ezizogxila ukuqinisa amaxhama obudlelwano phakathi kwe-USA neMzansi kusukela kungene uMengameli Donald Trump njengomengameli.

Kusukela kungene uTrump ubudlelwano abubuhle phakathi kweNingizimu Afrika ne-USA. UTrump wasola imithetho yaseNingizimu Afrika njengecindezela amaBhunu njengoba asola uhulumeni wakuleli ngokwenza izinto ezibuhlungu kumaBhunu anamapulazi.

Muva nje uTrump ubhale ekhasini lakhe lokuxhumana lapho eveze khona ukuthi uhlela ukungalubhadi kwingqungquthela yamazwe iG20 Summit okulindeleke ukuthi ibanjelwe eGoli ngasekupheleni kwalo nyaka.

Kule ngqungquthela kulindeleke omengameli bamazwe ahlukene emhlabeni jikelele.

Okhulumela ihhovisi likamengameli uMnu Vincent Magwenya uthe uRamaphosa uyabuthemba ubuhlakani bukaJonas kulesi sikhundla futhi unesiqiniseko ukuthi uzokwenza umsebenzi oncomekayo ngesipiliyoni anaso kuhulumeni nakwezamabhizinisi.

UJonas oke waba iPhini likaNgqongqoshe wezeziMali kuleli kuyimanje unguSihlalo webhodi lenkampani yezikuxhumana iMTN.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMnu Ibrahim Rasool obeyinxusa lakuleli e-USA wahoxiswa kulesi sikhundla kulandela inkulumo yakhe eyabe igxeka uTrump.

Kulindeleke ukuthi ngokuhamba kwesikhathi uRamaphosa amemezele ngokusemthethweni ozoba yinxusa lakuleli e-USA.

Ezisematheni

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...