Ilanga News
Home 9 Featured 9 Angase athwale kanzima e-USA uJonas oqokelwe esikhundleni esimqoka

Angase athwale kanzima e-USA uJonas oqokelwe esikhundleni esimqoka

by | 15 April 2025

ANGASE angase angakutholi ukwamukeleka ngezandla ezimhlophe e-United States of America uMcebisi Jonas oqokwe nguMengameli Cyril Ramaphosa ukuba abe yisithunywa esiyisipesheli kuleli yazwe.

Ngokubika kwe-EWN lokhu kulandela inkulumo ayenza ngesikhathi ethula isifundo ngoMnu Ahmed Kathrada ngo-2020 lapho achaza khona umengameli wase-USA njengonobandlululo futhi ocwasa abathandana nobulili obufanayo.

NgoMsombuluko uRamaphosa umethule njengesinye sezithunywa eziyisipesheli ezizogxila ukuqinisa amaxhama obudlelwano phakathi kwe-USA neMzansi kusukela kungene uMengameli Donald Trump njengomengameli.

Kusukela kungene uTrump ubudlelwano abubuhle phakathi kweNingizimu Afrika ne-USA. UTrump wasola imithetho yaseNingizimu Afrika njengecindezela amaBhunu njengoba asola uhulumeni wakuleli ngokwenza izinto ezibuhlungu kumaBhunu anamapulazi.

Muva nje uTrump ubhale ekhasini lakhe lokuxhumana lapho eveze khona ukuthi uhlela ukungalubhadi kwingqungquthela yamazwe iG20 Summit okulindeleke ukuthi ibanjelwe eGoli ngasekupheleni kwalo nyaka.

Kule ngqungquthela kulindeleke omengameli bamazwe ahlukene emhlabeni jikelele.

Okhulumela ihhovisi likamengameli uMnu Vincent Magwenya uthe uRamaphosa uyabuthemba ubuhlakani bukaJonas kulesi sikhundla futhi unesiqiniseko ukuthi uzokwenza umsebenzi oncomekayo ngesipiliyoni anaso kuhulumeni nakwezamabhizinisi.

UJonas oke waba iPhini likaNgqongqoshe wezeziMali kuleli kuyimanje unguSihlalo webhodi lenkampani yezikuxhumana iMTN.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMnu Ibrahim Rasool obeyinxusa lakuleli e-USA wahoxiswa kulesi sikhundla kulandela inkulumo yakhe eyabe igxeka uTrump.

Kulindeleke ukuthi ngokuhamba kwesikhathi uRamaphosa amemezele ngokusemthethweni ozoba yinxusa lakuleli e-USA.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...