Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Mculo 9 Uthotshwe inhliziyo ngesipho semoto uMjolisi

Uthotshwe inhliziyo ngesipho semoto uMjolisi

by | 8 January 2025

UMCULI kamaskandi uMjolisi, obeqokwe emncintiswaneni woKhozi FM wezingoma eziyishumi ebezibanga ukwehlukanisa unyaka, uthengelwe imoto yohlobo lweVW Polo yisiqumama saseBergville, okuvele ukuthi ngesakwaMiya isibongo.

Ingoma kaMjolisi esihloko sithi “My Dululu”, apike kuyona uMqobi yazo igcine ilale isibili, yehlulwa ngeyeGcokama Elisha, esihloko sithi “Gucci”.

UMiya uthengele uMjolisi le moto emhalalisela ngokusebenza kanzima futhi emduduza njengoba egcine enganqobanga.

Le moto unikezwe yona ngokusemthethweni namhlanje ngoLwesithathu eMgungundlovu. Nomklomelo obuwinwa yingoma ehlukanise unyaka oKhozini yiyona iVW Polo, ehlwithwe yiGcokama.
mthobisis@ilanganews.co.za ‎

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...