Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Aseqalile ukuthengiswa aweHollywoodbets Durban July

Aseqalile ukuthengiswa aweHollywoodbets Durban July

by | 1 April 2025

ASEQALILE amalungiselelo omcimbi waminyaka yonke wamahhashi nemfashini obizwa ngeHollywoodbets Durban July ozoba usuwenzeka okwesi-129 kulo nyaka ngomhla ka-5 kuJuly nonyaka.

Amathikithi alo mcimbi ogabe ngemfashini kanokusho, ubumnandi nosaziwayo aqale ngoLwesibili mhla ka-1 ku-April 2025 ukuthengiswa njengoba etholakala e-Ticketpro kusukela ngo-R230 ajayelekile kanti akhona nawezicukuthwane wona athengiswa ngezindlela ezahlukene ezihambisana namatende asuke egxunyekwe ngosuku lo mcimbi.

Kulo nyaka imfashini yalo mcimbi izobe igabe ngesiqubulo esithi Marvels Of Mzansi okushukuthi abasiki bengqephu balo nyaka banomthwalo wokukhiqiza imiswenko ehambisana nalesi siqubulo.

IHollywodbets Durban July ingeminye yemicimbi emikhulu eThekwini kwazise idlala indima emqoka ukuheha nokuthuthukisa izivakashi kanti ikhulisa nomnotho waleli dolobha.

Lo mcimbi uvamise ukuthi wandulelwa ngeminya eyahlukene ebizwa ngama-party kanti kanjalo noma usudlulise kuba khona neminye ehambisana nokudlula kwayo.

Yonke le micimbi igabe ngobumnandi njengoba kusuke kunandisa abaculi noDJ abahlukene bakuleli.

Abasiki bengqephu asebemnkantshubomvu nalabo abasakhula bathola ithuba eliyingqayizivele lokuzibonakalisa kulo mcimbi njengoba kube nemicimbi yemfashini eyandulela wona okubalwa kuyo neHDJ Fashion Preview Gala eyenzeka eGateway Theatre Of Shopping ngasekupheleni kukaJune.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...