Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 UMasipala weTheku nesivumelwano nosonkontileka abebengakhokheliwe

UMasipala weTheku nesivumelwano nosonkontileka abebengakhokheliwe

by | 23 August 2026

THANDI ZONDI

UMASIPALA weTheku ugcine ufinyelele esivumelwaneni sokukhokhela osonkontileka ababhekelele ukulungiswa kwamapayipi (plumbers), obese kunesikhathi eside bedonsisana.

Lokhu kuvezwe yiMeya yeTheku, uMnu Cyril Xaba (esesithombeni), ngemuva kokuba bebenomhlangano nalabo sonkontileka.
ILANGA labika kabanzi ngalolu daba ezinyangeni ezedlule, lapho okwavela khona ukuthi osonkontileka ababalelwa ku-250, sekuphoqe ukuba bayeke ukusebenza ngenxa yokuthi umkhandlu kawubakhokhelile, kusuka ngasekuqaleni kwalo nyaka.

Baveza ukuthi impilo inzima njengoba ezinyangeni ezedlule, begcine bethatha emalini abebeyibekile, abanye benza izikweletu ukuze bakwazi ukukhokhela izisebenzi zabo, nokwenza ezinye izidingo zempilo.
Bathi ngemuva kokuyeka kwabo ukusebenza – ngenxa yokungaholelwa – umkhandlu waqoka ukuqasha usonkontileka omkhulu (main contractor), okunguyena osezokwenza umsebenzi wabo.
Lokhu kwaholela ekutheni labo somabhizinisi baqale imibhikisho ngaphandle kwamahhovisi abhekelele amanzi ePinetown, bekhala ngesenzo sikamasipala.

Esinye sezikhalo kwakuwukuthi usonkontileka omkhulu ufuna umhlomulo omkhulu emaholweni abo. Ngempelasonto, uXaba uveze ukuthi bafinyelele esivumelwaneni sokukhokhela labo sonkontileka.
Uthe kulo mhlangano bekukhona ikhansela uMnu uMdu Nkosi, elingusihlalo weTrading Services Committee noMnu Siyanda Mwelase, obemele osonkontileka.

Uthe phakathi kwezikhalo ebezikhona, bekungamaholo nokuqashwa ngosonkontileka abakhulu abasohlwini (database).
Uveze ukuthi kugcine kuvunyelwana ngokuthi imali yehora, eyizigaba ezintathu ezahlukene, ngeke ishintshe izoqhubeka 
kanjalo.
Kuvunyelwane nangokuthi u-15% wokuphathwa (management fee) ngeke usathathwa emaholweni osonkontileka. Kuthiwe osonkontileka abawu-5 abakhulu bazoqasha osonkontileka abancane, kulaba abakwi-database yomkhandlu, abawu-1 886, futhi kasikho isisebenzi esizovunyelwa ukusebenza kwingqalasizinda kamasipala ngaphandle kwemvume.
Uthe ukuqashwa kosonkontileka abawu-712 be-shift yokuqala sekuqalile, kanti abawu-337 kubo baqashwe ohlwini lukamasipala oluvele olukhona.

Ezisematheni

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

Thokozani Ndlovu noThandoluhle Ngubo AYANDA amalungu omphakathi amasha eThekwini ngenhloso yokuxosha abokufika abakuleli njengoba sebehlukene bemaqembu maningi. Yize amaphoyisa andisiwe ukuze alawule isimo kodwa ayahluleka ukufinyelela zonke izindawo.  Lokhu...

Uzobuyela enkantolo osolwa ngokubulala ingane

Uzobuyela enkantolo osolwa ngokubulala ingane

UZOBUYELA ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yase-Atteridgeville, eGoli, unkosikazi kamfundisi (24), osolwa ngokubulala ingane enezinyanga ezine, ezalwa owesifazane odlwengulwe washiywa ehlathini wumfundisi (umyeni kamsolwa) osagcwele amathafa. Lo wesifazane uvele...