Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Izinyathelo ezinqala kwabathinteka ekuguqiseni Ithala

Izinyathelo ezinqala kwabathinteka ekuguqiseni Ithala

by | 14 April 2026

SELUNGENE esigabeni sokubhekana nezikhulu ezithintekayo ekuguqiseni Ithala, uhlelo lokuvuselela ukusebenza kwaleli bhange, kulandela ukuqala kophenyo lweSpecial Investigating Unit (SIU).

Lokhu kudalulwe nguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ngemuva komhlangano wesigungu esiphezulu, kulandela ukuqinisekisa ukuvikeleka kwemali yabantu ebifa- kwe kuleli bhange, kanjalo nabamabhizinisi abebetshale imali yabo kulona.

Ngemuva kokungenelela kukahulumeni wesifundazwe, babalelwa ku-65 000 abantu abakwazile ukuthola imali yabo ebivaleleke kuleli bhange, elinganiselwa kuR1.7 billion. Ukungenelela kwesifundazwe kukwazile ukumisa ukuvalwa kwaleli bhange ngabakwaPrudential Authority.

UNtuli uthe lokhu kukhombisa ngokusobala ukuzibophezela kwalo hulumeni ukuqinisekisa ukuthi umnotho wesifundazwe uyasimama ngalo leli bhange. Uthe ukuqinisekisa ukuthatha izinyathelo ezinqala kulabo abathintekayo ukuguqisa leli bhange, luyaqhubeka uhlelo lophenyo lweSIU, ukuze kube khona ababhekana nengalo yomthetho.

UNtuli uthe labo abathintekayo ekuguqiseni leli bhange, kumele bathathelwe izinyathelo. Uthe ngalokhu ngeke bakhethe iphela emasini, njengoba befuna noma ngubani ngaphandle kokubheka izikhundla nezinga abakulona, kodwa uma ku- khona okuphambene nomthetho, abakutholayo, izinyathelo zizothathwa.

Uthe lokhu abakwenzi ngenxa yokulungisa umonakalo kuphela, kodwa bafuna nokuvuselela lolu hlaka lukahulumeni olumqoka, futhi olusengadlala indima emqoka ukuvuselela umnotho wesifundazwe.

Ezisematheni

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

UVUSELELE isixwayiso sokukopela kubafundi bakamatikuletsheni uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. NgoLwesihlanu eVukuzakhe High School eMlazi, eThekwini, bekuhlangene abazali, othishanhloko bezikole, izinyunyana zothisha nababhekelele ukubhalwa kwezivivinyo kwezemfundo...

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

SIPHEZULU kakhulu emlandweni wakuleli zwe isibalo sabafundi ababhalisele ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni kulo nyaka. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube (osesithombeni) ngeSonto ethula umbiko ngezinhlelo zikazwelonke...

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...