
NGOLWESITHATHU kuzokhunjulwa uMntwana waKwaPhindangene, iNkosi uMangosuthu Buthelezi, ngokuphendula idlinza lakhe libe yisigcinamagugu sesifundazwe (provincial heritage site).
INkosi uButhelezi yazalwa ngomhla ka-27 kuNcwaba (August) ngo-1928, yakhothana ngoMandulo (September) ka-2023. Ukube isaphila, ibizobe ihlanganisa iminyaka ewu-97.
Uhlelo lokuguqula iliba likaShenge, libe yi-heritage site, lusingethwe yiHhovisi likaNdunankulu wesifundazwe, uMnu uThami Ntuli, nePrince Mangosuthu Buthelezi Foundation.
Ube ngundunankulu wamakhosi amathathu aKwaZulu, njengoba aqokwa yiSilo uBhusha, iNgonyama uBhekuzulu Cyprian kaSolomon, ngo-1954, ukuthi abe yisandla sakhe sokuphosa nomeluleki omkhulu.
Ube ngundunankulu weSilo uMdlokombane, iNgonyama uZwelithini kaBhekuzulu, othathe isihlalo sobukhosi ngoZibandlela (December) wango-1971. UMntwana waKwaPhindangene ubeneqhaza elikhulu ekubekeni iSilo iNdlulamithi, iNgonyama uMisuzulu kaZwelithini esihlalweni sobukhosi ngoMfumfu (October) wango-2022.
Usungule iqembu leNkatha yeNkululeko yeSizwe ngoNdasa (March) ka-1975, yaguquka yaba yiNkatha Freedom Party (IFP), ngo-1990. UShenge, ubengusopolitiki omdala kunabobonke ePhalamende laseNingizimu Afrika, kanti udedele ubuholi be-IFP kuMnu Velenkosini Hlabisa ngo-2019.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, nguyena omemezele ukuthi idlinza likaShenge lizokuba yisigcinamagugu sesifundazwe. Lokhu kuzokwenziwa ngoLwesithathu, KwaPhindangene, lapho uShenge etshalwe khona.
OLundi kwakhiwa inqolobane enomlando wakhe uShenge. Phakathi kwezikhungo eziqanjwe ngoShenge, yiMangosuthu University of Technology, eseMlazi, yiPrince Mangosuthu Stadium, esoLundi, wumqwaqo iMangosuthu Highway, eMlazi, kanti kunezinhlelo zokuqamba uMzinyathi District Municipality ngaye.
Kunezindondo ezahlukene ahlonishwa ngazo uMntwana waKwaPhindangene esaphila, enye ayinikwa yiSilo uMdlokombane, neziqu zobudokotela azinikwa ngamanyuvesi ahlukene, kubalwa nawaphesheya kwezilwandle.






