Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uyise wephoyisa akagculisekile ngesigwebo esigixabezwe umbulali

Uyise wephoyisa akagculisekile ngesigwebo esigixabezwe umbulali

by | 13 February 2025

AKAGULISEKILE ngesigwebo uyise wephoyisa lakwa-Masipala weTheku uCon Bianca Khuzwayo, owagwazwa wabulawa yisoka lakhe uSizwe Ngema (28) ababesebenza nalo esiteshini esise-Albert Park, eThekwini, ngoMarch wonyaka owedlule.

UNgema ubevele ngoLwesine eNkantolo eNkulu yaseThekwini, lapho evume khona wonke amacala akhe wabe esegwetshwa iminyaka ewu-20 ebhadla ejele.

Ukubulawa kuka-Bianca kwaba undabuzekwayo ngoMarch wonyaka owedlule ngemuva kokuthi uNgema asabalalisa enkundleni yokuxhumana uFacebook ivideo eyayikhombisa imizuzu yokugcina kamufi, kuvela nombese awusebenzisa ngesikhathi egila lomhlola usabhajwe enxebeni.

Ukufakwa kwesicelo sebheyili kuleli cala kwagqoza isikhathi eside njengoba uNgema kwakulindeleke ukuthi ayohlolwa isimo somqondo ukuze kuqinisekiswe ukuthi angakwazi yini ukubhekana necala.

Lokhu kwakulandela ukuphazamiseka kwalo ngemuva kokuba abammeli bakwa-Legal Aid basichitha isicelo sakhe sokuthola ummeli wamahhala.

Kwisitatimende sokuvuma icala, uNgema uveze ukuthi okwaholela ekubulaleni kwakhe uBianca kwaba ukuthi ambuze ngomyalezo ayewubone efonini kamngani kamufi uNkz Anele Mkhize emtshela (umufi) ufuna ukuhushula isisu njengoba ayekhulelwe.

Uthi ngemuva kokuzithokozisa ngotshwala nesidakamizwa icocaine ngosuku lwesigameko wabe esebuza umufi ngalo myalezo.

Uthi umufi wabe esehlambuluka emtshela ukuthi ingane ayikhulelwe akuyona eyakhe, nokuyilapho amgwaza khona amanxeba amaningi.

Ngemuva kokugwetshwa kwakhe umndeni kamufi ubonakale ungagculisekile ngalesi sinqumo.

Uyise kamufi uMnu Thabani Madonsela uthi ukholwa wukuthi uNgema akanakho ukuzisola kodwa uvume amacala ngoba esevaleleke ekhoneni.

“Isitatimende sakhe sokuvuma icala asiyiphenduli eminye yemibuzo esinayo, njengokuthi kungani kungavelanga ukuthi lo mfana wanameka imizuzu yokugcina yengane yami ezinkundleni zikuxhumana. Okwenze umsolwa wavuma ukuthi beyingasekho into abengayenza, ubesephelelwe nayimali yokukhokhela abammeli. Ngingasho nje ukuthi kusuka saqala ukuhamba leli cala lo mfana akakaze akhombise ukuzisola. Noma ngingagculisekile ngalokhu akukho engingakwenza ngoba ngisho ngingadinwa kanjani ngeke isabuya ingane yami, kuyikho ukuthi ngingwinye itshe ngemukele. Ngiyethemba ukuthi uma eseqale isigwebo sakhe uzozisola,” kusho uMadonsela.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...