Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Awuhlehli umasipala waseNkandla ngokudiliza imizi eyakhe emhlabeni wawo

Awuhlehli umasipala waseNkandla ngokudiliza imizi eyakhe emhlabeni wawo

by | 22 December 2025

KUSAZOQHUBEKA isigaba sesibili sokudilizwa kwemizi eyakhiwe kumhlaba kamasipala waseNkandla. Lokhu kuvezwe imeya yaseNkandla uNkk Nonhlanhla Nzuza esithangamini sabezindaba kulo masipala ngoMsombuluko.

UNkk Nzuza uthe uma kuvula izinkantolo ngonyaka ozayo, kusazongena uhlu lweminye imizi ebekade ingekho emaphepheni esinqumo senkantolo ngesikhathi kwenziwa isicelo. Uthe okwamanje kusabhidlizelwe imindeni eyisithupha kuphela. Utshele abezindaba ukuthi ngonyaka ka-2014 umasipala wathola ukuthi kunomhlaba wawo osusetshenziswa ngokungemthetho.

Uthi ukwakha kwabantu kulo mhlaba, kuzophazamisa intuthuko kamasipala okufanele ilethwe kubantu uma umasipala ungalusukumeli loludaba. Uveze ukuthi kumele kukhuliswe idolobha, kwakhiwe izakhiwo ezibalulekile ezizosiza umphakathi waseNkandla kuyona lendawo esiqhwagwe ngabantu.


“Sawuxwayisa umphakathi ngokwenza izinto ngokungemthetho, sawucela nokuthi ume ungaqhubeki nokwakha. Waqhubeka umkhandlu wazama ukulwisana nalesi simo ngoba bekuqhutshekwa ukubekwa kwabantu kungafanele, nokwabe sekuphoqa umasipala ukuba udaba uludlulisele enkantolo.

Ngonyaka ka-2025 , inkantolo ngokobufakazi obabubekwe phambi kwayo, yabe isikhipha isinqumo sokuba bakhishwe laba abenza lokhu, umhlaba usale njengoba wawunjalo. kuwona lonyaka kuMbasa(April), ithimba labameli lifikile emkhandlwini wamakhansela lazochaza ngesinqumo senkantolo. KuNhlangulana(June) kuwona lonyaka, sabiza amakhosi onke aseNkandla bafika abameli futhi baluchaza udaba lomhlaba nokuthi inkantolo isikhiphe isinqumo,” kusho uNkk Nzuza.


Uthi isikhonzi siqhubekile nokwenza umsebenzi wokuxwayisa abantu, kwaze kwaba kuyadilizwa. Uveze ukuthi nakuba induna yayikhuziwe ngokubeka abantu kule ndawo , kodwa kuqhubekile ukubekwa kwabantu. Ithintwa induna yendawo uMnu Khanyille(elingatholakalanga igama layo), ithe loludaba lusezandleni zabameli, ayivumelekile ukukhuluma ngalo.
mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...