Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ibalulekile indima edlalwa yimithi yesintu ekwelapheni

Ibalulekile indima edlalwa yimithi yesintu ekwelapheni

by | 28 August 2026

IMITHI yesintu iyingxenye yempilo yabamnyama. Kwesinye isikhathi uyaye uthole ukuthi abanye baze bangabaze ukusebenzisa imithi yasentshonalanga, ngenxa yokukholelwa ekutheni isebenza kangcono eyesintu.

Kusukela mhla ka-26 kuya kumhla ka-31 August, kusuke kubungazwa isonto lemithi yesintu elibizwa ngeTraditional Medicine Week.

Lolu suku olugujwa mhla ka-31 August, lwagqama emuva kokuhlangana kongqongqoshe bezempilo ngesikhathi kuneWorld Health Organisation (WHO) Regional Committee for Africa, e-Ouagadougou, eBurkina Faso. 

Lungolokukhumbula indima edlalwa yimithi yesintu ezigidini zabantu base- Afrika.

NeZemvelo KZN Wildlife, ngokuba- mbisana nenhlangano yabelaphi bendabuko iTraditional Health Practitoners (THPs), basanda kuvula ikhemisi lesintu ngenhloso yokuqinise- kisa ukuthi amakhambi esintu kawapheli, nokuthi imvelo yongiwe.

Leli khemisi elaziwa ngeTraditional Healers Pharmacy, livulwe phakathi esiqiwini iHluhluwe-iMfolozi Park, ngenhloso yokulwa nezinkinga ezithinta ukusebenza kwamakhambi esintu, okubalwa kuzona ukumbiwa kwawo ngendlela engafanele, ukusetshenziswa kwezicubu zezilwane, ukulwa kokudayiswa kwamakhambi nezicubu, nokunye.

Ukusebenza kwamakhambi esintu kwabonakala ngesikhathi seCovid 19

Ukusetshenziswa kwamakhambi esintu kuphinde kwabonakala nangesikhathi izwe libhekene nobhubhane lweCovid 19, lapho kwavela khona ukuthi amakhambi afana nomhlonyane ayakwazi ukwelapha umkhuhlane.

NoMnyango wezeMpilo e-KZN, uma kugujwa lolu suku, uyaqinisekisa ukuthi uhlangana nabelaphi bendabuko, ukuqinisekisa ukuthi kuba khona ukusebenzisana.

Ngokwawo, kuyenzeka kube nezigulo ezidinga odokotela basentshonalanga kepha zithathwe ngokuthi zingezesintu.

UDkt Thabile Zwane weThe Blue Clinic, wake wabalula ukuthi kwesinye isikhathi abantu besilisa baba nenkinga yomdlavuza, kepha baqale emithini yesintu, nokuyinto engalungile ngoba kugcina kunzima ukubelapha, nomdlavuza wande egazini.

ILANGA libe nengxoxo noMnu Bonga Mnikathi, waseMpangeni, oke wachaza ukuthi ubenenkinga yezinso, evuvukala izinyawo nasemzimbeni, kwathiwa kumele ayothwasa. 

Echaza, uthi lokhu kwenze isifo sezinso (Nephrotic syndrome) ukuba sisabalale size sifinyele ku-stage 4, ngoba akazange aye kodokotela, wasebenzisa izindlela zesintu.

“Uma unesilonda noma uvuvukele, ungacabangi ukuthi wumeqo bese uphuza imbiza, ngoba igcina isingcolisa izinso zingabe zisakwazi ukusebenza kahle,” exwayisa.

Lokhu kutshengisa ukubaluleka kokusebenzisana kwemithi yesintu neyasentshonalanga ekwelapheni abantu.

Nanka amakhambi esintu akhona emakhaya, ajwayele ukusetshenziswa

Inxina: Kusetshenziswa amahlamvu uma isisu sibuhlungu nokupholisa izilonda.

Umhlabelo: Kusetshenziswa izimpande zigxotshwe, zenziwe umuthi wokuphuza ukwelapha amathambo, ithambo elibuhlungu noma eliphukile.

Iboza: Kusetshenziswa amahlamvu agxotshwe bese efakwa emanzini afudumele bese kuyaphuzwa, ukusiza emkhuhlaneni noma wukukhwehlela nesisu esibuhlungu.

Image

Ujinja: Ufakwa ekudleni, kepha uyasiza nasekwelapheni. Usiza emkhuhlaneni nakumamasela abuhlungu.

Impepho: Iyabiliswa noma ishiswe. Isiza uma ukhwehlela, unesisiu esibuhlungu, uphethwe yikhanda noma uphethwe yizinyo.

Image
YIMPEPHO

Umhlonyane: Kusebenza amahlamvu awo aphuzwe njengesiphuzo somkhuhlane, ukucinana, umphimbo obuhlungu nezinkinga ezithinta ukuphefumula.

Umsuzwane: Usiza emkhuhlaneni
Umsenge: Kusetshenziswa amagxolo abilisiwe, bese uyaphalaza.

Ezisematheni

UNtuli nezingxoxo zokubuyisana kuhlaselwa abe-IFP

UNtuli nezingxoxo zokubuyisana kuhlaselwa abe-IFP

IQEMBU iNkatha Freedom Party (IFP), kwaZulu-Natal ligxeka isigameko sokushaywa kulinywazwe amalungu aleli qembu amathathu, abekhankasa eZingolweni, kwaNyuswa, kuWard 34. Lesi sigameko senzeke ngesikhathi amavolontiya e-IFP ekhankasa ngeSonto kule ndawo. Laba abebenza...

Owodumo lohlelo lwe-TV ugaqele esobumeya eMhlathuze

Owodumo lohlelo lwe-TV ugaqele esobumeya eMhlathuze

UMENYEZELWE njengozomela iDemocratic Alliance esikhundleni sobumeya eMhlathuze, uRob Bentele (osezithombeni) owazakhela udumo enqoba ohlelweni lukamabonakude iSurvivor South Africa. UBentele uzakhele udumo ngo-2019 enqoba kulolu hlelo obelukhonjiswa esiteshini...

Uzovulwa ngedili lokuqhakambisa amasiko uMandulo

Uzovulwa ngedili lokuqhakambisa amasiko uMandulo

IZOVULWA ngedili elixube umculo, umcimbi wezinkondlo, izinganekwane nokuqhakanjiswa kokudla kwesintu, inyanga yokuqhakanjiswa kamasiko namagugu eNingizimu Afrika. Inyanga kaSepthemba izokwamukelwa ngomcimbi obizwa ngokuthi yiMandulo Heritage Festival, ozoba seThe...