Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kudubuleke owesifazane izigebengu zizama ukuduna imoto

Kudubuleke owesifazane izigebengu zizama ukuduna imoto

by | 15 September 2026

KUDUBULEKE kwalimala owesifazane ngesikhathi izigebengu zizama ukuduna imoto eTerrance Park, kwaZulu-Natal ngoLwesibili.

AbeReaction Unit South Africa (RUSA) batheleke kule ndawo emva kokuthola izingcingo zibabikela ngalesi sigameko kucelwa usizo.

Ngesikhathi befika bathi batshelwe ukuthi abasolwa abahlanu bebephethe izibhamu ezincane bezama  ukuduna imoto ebomvu

iMazda CX-5.

Abasolwa kuthiwa bafike bavulela ngenhlamvu baze baphazanyiswa yisihlobo somnikazi wemoto ebidunwa, naso ebesihamba ngeyaso.

Ngesikhathi kwenzeka isigameko kuthiwa inhlamvu eyodwa ingene emotweni yesihlobo kwathi igobolondo lenhlamvu lashaya owesifazane obethi uphumela ngaphandle ukuzobona okwenzekayo. Kuthiwa ulimale engalweni ngasesandleni sobunxele.

Abasolwa kuthiwa babaleke ngemoto eGrey i-Audi A3 futhi bangabonakala ukuthi baphelelephi. Olimele ulashelwe endaweni yesigameko.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...