Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ayagcwala amahhotela eThekwini ngaphambi kwempelasonto yePhasika

Ayagcwala amahhotela eThekwini ngaphambi kwempelasonto yePhasika

by | 16 April 2025

KULINDELEKE izivakashi ebalelwa ku-400 000 kusukela ngoLwesine kuze kuqale inyanga kaNhlaba (May) emahhotela nasezindaweni zokulala KwaZulu-Natal.

Kuthiwa amanye amahhotela esenyakatho yeTheku, asegcwele njengoba izivakashi zibekisa izindawo zokulala. Imali ezongeniswa ngezokuvakasha esifundazweni ngala maholidi ibalelwa ku R1,4 billion.

Nokho-ke isimo sezulu esingesihle, singaba nomthelela ongemuhle njengoba ezinye izivakashi zingagcina sezikuhoxisile ukuvakasha kwazo esifundazweni. UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uthi usumi ngomumo ukubhekana nabashayeli abangayihloniphi imithetho yomgwaqo.

UMnu Ndabezinhle Sibiya, okhulumela lo mnyango esifundazweni, uthi abantu abashayela bephuze utshwala, yibona ababanika inkinga.

“Abantu abashayela bephuzile asifuni bagcine ngokuhlawuliswa imali kuphela, kodwa sifuna babhadle emajele iminyaka ecela kwesiyisithupha. Sifuna isifundazwe sibe yisibonelo nakwezinye ngokuthi akudlalelwa KwaZulu-Natal.

“Baningi abantu abalahlekelwa yizimpilo zabo ngenxa yabashayeli abankunka utshwala bese bengena emigwaqeni. Lokhu kumosha imali enkulu emnyangweni zokuthutha nokowezempilo, kuzwelonke nasesifundazweni. Izivimbamgwaqo zizobe zikhona kuzona zonke izingxenye zesifundazwe,” kusho uSibiya.

Kulindeleke ukuthi ngehora kudlule izimoto ezilinganiselwa ku-500 kwizintubakukhokha (toll plazas) zesifundazwe, ikukhulukazi lena yaseMarrianhill, entshonalanga yeTheku.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...